
Iwuqale kahle unyaka iCity ibhubhudla ezaseSoweto
ICape Town City isishaye kabili kulandelana iziqhwaga zaseSoweto, kanti umqeqeshi omusha uMuhsin Ertugral uveze ubuhlakani bakhe kule midlalo.
Iqembu lika-Ertugral likhombise ukuqina nokukwazi ukulandela imiyalelo yabaqeqeshi njengoba likwazile ukuhlula iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ngo 1-0 kulandelana.
IPirates nokho izozibona sengathi ibe nebhadi lokungatholi okungenani iphuzu kulo mdlalo ngemuva kokulwa kanzima kodwa yagcina ihlulwa ngo 1-0.
IPirates ibe namathuba angcono ngesiwombe sokuqala kodwa ayizange ikwazi ukuwaqedela, ithole igoli.
Futhi, iCity yenze umsebenzi omuhle ngokumaka abadlali beBucs abahluphayo oRelebohile Mofokeng, uMohau Nkota, uPatrick Maswanganyi noTshegofatso Mabasa.
Lokhu kuholele ekutheni iPirates igcine seyikhahlela ikude kanti uKabelo Dlamini ube neshwa ukungalitholi igoli.
Kunqabe uDarren Keet ovimbe ibhola lakhe ebeselibheke enethini, lagcina lizishayisa epalini.
IPirates ibe nethuba elihle lokuhamba phambili ngesiwombe sesibili ngesikhathi inikwa iphenathi.
Kodwa uMaswanganyi ube nebhadi lokushaya ipali qede ibhola labuyela kuKeet ebese limhlulile.
Kube sekuba uDarwin Gonzalez onquma umphumela, eshaya igoli elihle sekusele ngaphansi kwemizuzu engu-15 umdlalo uphele.
Nguye lo mdlalo oshaye igoli nangesonto ngesikhathi beshaya iChiefs.
