
Kukhonye iRichards Bay ichiliza iCity kwiPremier’s Cup
I-Richards Bay isizobhekana ne-Milford FC kowandulela owamanqamu weKZN Premier’s Cup ngemuva kokukhipha iDurban City kumaphenathi ngoMgqibelo.
IRich Boyz iqale kahle yashaya igoli kusenesikhathi, kodwa yazifaka enkingeni ngesikhathi ishaya igoli layo, yanika iDurban City ithuba lokulinganisa.
Lokho kuphoqe ukuthi umdlalo unqunywe ngamaphenathi, lapho iRichards Bay igcine inqobile khona.
Lokhu kusho ukuthi izobhekana neMilford FC ePrincess Magogo Stadium ngeSonto ekuseni emdlalweni wokuhlungela indawo kowamanqamu.
IMilford ifinyelele kulesi sigaba ngemuva kokunqoba iGolden Arrows ngo 1-0 emdlalweni obudlalelwe eSugar Ray Xulu Stadium eClermont.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, umdlali oqokwe njengobevelele kulo mdlalo, uThulani Gumede uthe bajabule ngokugcina benqobile.
Uvumile ukuthi bekumele ngabe umdlalo bawunqobe kusadlalwa kungaze kuyiwe kumaphenathi, wathi kodwa bafundile kuwo.
Khonamanjalo, imidlalo yangoMgqibelo izosongwa ngomdlalo ophakathi kwe-AmaZulu FC neMidlands Wanderers.
- FUNDA NALA | Usuthu luklomelise abenze kahle
La maqembu azobhekana eSugar Ray Xulu Stadium, kanti umdlalo uzoqala ngo-4 ntambama.
Ozonqoba phakathi kwaMaZulu neWanderers uzobe eseyodlala amanqamu nozonqoba kowandulela owamanqamu phakathi kwe-Richrds Bay ne-Milford.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
