
UNuno Santos uphawula ngokudla uNombolo 10 kwiDowns
Umdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns, uNuno Santos, uthi uzizwa ehloniphekile ngokunikwa ijezi elidumile, uNombolo 10 kuleli qembu.
Ukusho lokhu ngemuva kokudlala kwakhe kahle ngesikhathi benqoba ngo 3-1 behlula iSaint-Eloi Lupopo esigabeni samaqoqo seCaf Champions League ngoMgqibelo.
Lo mdlali wasePortugal udlale ibhola elinenkosi phakathi eLoftus Stadium, washaya amagoli amabili wabe esakha naleli elishaywe uMarcelo Allende.
Uvule umdlalo ngegoli elihle zisuka nje okuyinto ebeke iSundowns ethubeni elihle lokunqoba ngaphambi kokuthi iLupopo ilinganise sekubalwa amanenjana kuyiwe ekhefini.
U-Allende ubuyisele iSundowns phambili esiwombeni sesibili, kwathi kuthi uNuno Santos washayela isipikili sokugcinangomzuzu ka-77.
Igalelo lakhe lamagoli amathathu livuse izinkumbulo zikaLucas Ribeiro Costa, umdlali wokugcina ukugqoka uNombolo 10 kuleli qembu elizinze eChloorkop.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, uNuno Santos uzwakalise ukuziqhenya ngokunikwa le nombolo yodumo ezifikela nje eqenjini.
“Ngihlonipheke kakhulu ngokugqoka le nombolo,” kusho yena. “Yinombolo ebengilokhu ngiyithanda kusukela ngaqala ukudlala ibhola.
“Futhi kuhle kimina ukuthi ikilabhu inginike leli thuba. Ngiyawazi umlando wale nombolo lapha, futhi ngijabule kakhulu.”
ISundowns izobe ibheke ukuthi uSantos aqhubeke nomgqigqo wakhe omuhle uma seyibhekene neMC Alger e-Algeria ngoLwesihlanu.
FUNDA NALA | Kubuya izihlabani kwiChiefs
Leli qembu likaRulani Mokwena lizobe libheke ukuhlenga umkhankaso walo ngemuva kokuhlulwa emdlalweni walo wokuqala ekuhambeni ne-Al Hilal ngempelasonto edlule.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
