
URiveiro uphawula ngengxabano yakhe noSaleng kwiPirates
Obengumqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uthi kumjabulisile ukubona uMonnapule Saleng ebuyela emqgigqweni wakhe kwi-Orbit College.
Lokhu kulandela ukungaboni ngaso linye kwabo kwisizini yabo yokugcina kwiPirates ephethe ngokuthi uSaleng agcine engasadlali nhlobo.
USaleng, oneminyaka engu-27 ubudala, ubengumdlali obalulekile empumelelweni yePirates kwiMTN8, kodwa isizini edlule iphele sekukubi.
Kushaye uDisemba engasabonwa nangokhalo eqenjini losuku lomdlalo futhi akazange esadlala nakanye kusukela lapho.
Ekhuluma kwiMarawa Sports Worldwide muva nje, uJose Riveiro uvule isifuba sakhe ngokuthi yaqala kanjani ingxabano phakathi kwakhe noMonnapule Saleng.
“USaleng wayebe nesikhathi esihle silungiselela isizini futhi waze washaya igoli emdlalweni wethu wokuqala sibhekene nePolokwane City,” kukhumbula uRiveiro.
“Kodwa angizange ngijabule ngokudlala kwakhe esiwombeni sokuqala. Wayengeyena loSaleng engimaziyo.”
Lo mqeqeshi waseSpain uvumile ukuthi indlela akhuluma ngayo ngesikhathi sekhefu yiyo eyalimaza kakhulu ubudlelwano babo.
“Ngesikhathi sekhefu awunaso isikhathi sokuba nomusa. Kumele wenze izinqumo ezisheshayo,” kuqhuba yena
“Ngaba nolaka kakhulu, futhi lokho kwaphawula ukuqala kwenkathi enzima phakathi kwethu.”
Naphezu kwesikhathi esidlule, uJose Riveiro uthe ujabule ngempela ukubona uMonnapule Saleng esebuyela ebholeni lakhe.
“Ngiyajabula ngokuthi uMonnapule uyadlala futhi uyalisiza iqembu lakhe,” kuqhuba uRiveiro.
“Ukhombisa leli thalente sonke esaziyo ukuthi unalo. Ufanelwe yiyo yonke impumelelo.”
Ukuvuseleleka kukaSaleng kwi-Orbit College kungenye yezinto ezigqamile ngesizini yokuqala yaleli qembu kwiBetway Premiership.
FUNDA NALA | Ingabe kuphelile ngoLorch kwiBafana?
Ukuphawula kukaRiveiro khona kugqamisa inhlonipho asenayo ngalo mdlali yize ubudlelwano babo bube muncu ngesikhathi bekwiPirates.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
