Bafana BafanaEzintsha

UBroos uphinde wamvalela ngaphandle uLorch

Ngu-Alfred Ngubane

UBroos uqoke isikwati sakhe sabadlali abangu-55 azokhetha kuso abadlali bakhe abangu-23 azoya nabo kulo mqhudelwano eMorocco ngoDisemba.

Igama likaThembinkosi Lorch belilindelwe ngabomvu ngaphambi kwalesi simemezelo, ikakhulukazi kulandela umgqigqo wakhe omuhle kwiWydad Casablanca. 

Lo mdlali ohlaselayo usengumdlali obalulekile kuleli qembu, kanti uba nesandla ekwakheni nasekushayeni amagoli amqoka okumenza omunye wabadlali abavelele ezwenikazi.

Naphezu kwalokhu kuvuka kabusha kukaLorch, uBroos uphinde wakhetha ukungasiqoki lesi sihlabani saphambilini se-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns. 

Ukushiywa kukaLorch ngaphandle kuqubule inkulumo-mpikiswano kubalandeli, abanye bebuza ukuthi ngabe uBroos unenxa yini nalo mdlali.

Ibhola likaThembinkosi Lorch livuseleleke kabusha eMorocco ngemuva kokusuka kwiSundowns, lapho ebelizwa ngendaba khona ijezi. 

KwiWydad, usephenduke insika ebalulekile yeqembu, enezela ubuhlakani nobukhali uma kuhlaselwa kuyo yonke imiqhudelwano.

Kodwa-ke, ubuqhawe bakhe eqenjini lakhe akwanele ukukholisa umqeqeshi weqembu lesizwe, okushiya abaningi bezibuza ukuthi yini enye uLorch okufanele ayenze ukuze abuyiswe.

Manje njengoba neminyaka ihamba, kubukeka uLorch – oneminyaka engu-32 ubudala – esephelelwe yisikhathi eqenjini lesizwe.

IBafana Bafana iqala umkhankaso wayo we-Afcon ngoDisemba 22 ngokubhekana ne-Angola ngaphambi kokubhekana ne-Egypt neZimbabwe kuGroup B.