EzintshaKaizer Chiefs

Kukhale izembe kumqeqeqeshi owaduma kwiChiefs

Lokhu kungemuva kokuthi iqembu lakhe iBoavista lidliwe yizembe kwiLiga Portugal, okuyisigaba esiphezulu sebhola elikhokhelayo ePortugal. 

UBaxter uthathe izintambo sekusele imidlalo emihlanu kuphela ukuthi kusongwe isizini.

Uhlulekile ukuhlenga leli qembu, kanti lihlulwe kanzima ngo 4-1 yi-Arouca emdlalweni walo wokugcina.

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-71 ubudala odabuka eScotland wazakhela igama kuleli ngempumelelo yakhe, edla izicoco zeligi neKaizer Chiefs phakathi kuka-2012 no–2015.

Kodwa ePortugal kubhimbile, uBaxter unqobe kabili kuphela emidlalweni emihlanu, waqeda emsileni welogi ngamaphuzu angu-24.

Kodwa njengoba ebe nesikhathi esincane, kuvela ukuthi iBoavista ingase imgcine njengoba izozama ukuphindela kwiligi enkulu ngesizini ezayo.

Khonamanjalo, owayengumgadli weKaizer Chiefs, uBonfils-Caleb Bimenyimana, ube sematheni e-Algeria ngempelasonto.

UBimenyimana ushayele i-USM Alger igoli lokulinganisa sekuvalwe amehlo ibhekene ne-Olympique Akbou, umdlalo waphela zibambene ngo 1-1. 

Leli goli likhuphule amathemba e-USM okuqeda endaweni ezoliyifaka kwiCaf Confederation Cup.

Selokhu ajoyina i-USM Alger ngoFebhuwari, lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala waseBurundi useshaye amagoli amathathu emidlalweni engu-11. 

Kodwa ngaphezu kwamagalelo akhe, uthwale kanzima ukubethelela indawo yokuqala imidlalo eqenjini.

Futhi njengoba ikilabhu ihlezi endaweni yesithupha kwilogi ngamaphuzu angu-37, kuyakhula ukuqagela ngokuthi uzohlala yini ngale kwale sizini.

UBimenyimana usayine inkontileka kuze kube uJanuwari ka-2026, kodwa abangaphakathi baphakamisa ukuthi isimo sakhe sizobuyekezwa ekupheleni kwesizini.

Kusukela exoshwe kwiChiefs, lo mgadli usegudle emaqenjini amaningi, afike enze kahle esafika, kodwa abuye axoshwe.