
Siyakhula isibalo safuna uJose Riveiro we-Orlando Pirates
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro ngeke awuswele umsebenzi uma inkontileka yakhe ingavuselelwa kulezi zinkunzi zaseSoweto.
Inkontileka kaJose Riveiro iphela ekupheleni kukaJuni. Kulezi zinyanga ezimbalwa ezidlule, kwenyukile ukuqagela ngekusasa lakhe.
Nokho usawugweme ngempumelelo umbuzo ngekusasa lakhe, eqoka ukuthi okwamanje usagxile kulo msebenzi ophambi kwakhe.
Mayelana nokwenza kwakhe selokhu ejoyine i-Orlando Pirates, uJose Riveiro ufanelwe ukwelulelwa inkontileka ngaphandle kwamathandabuzo.
Akagcinanga nje ngokwenza iPirates idlale uhlobo lwebhola edume ngalo, kodwa useyinqobise nezindebe eziningi.
Lo mqeqeshi waseSpain usenezindebe ezinhlanu ngaphansi kwegama lakhe futhi kusenethuba lokwengeza ezinye ezintathu ngaphambi kokuphela kwale sizini.
IPirates isakhona emjahweni wezicoco zeNedbank Cup, iCaf Champions League neBetway Premiership.
Imibiko yangaphambilini iveze ukuthi ufunwa yiqembu lesizwe laseFinland ukuthi athathe izintambo njengomqeqeshi.
UJose Riveiro uke wasebenza eFinland ngaphambi kokuthi i-Orlando Pirates imnike isikhundla sakhe sokuqala esikhulu sokuqeqesha.
Manje iSoccer Laduuma ibika ukuthi iMorocco nayo ihogela umkhondo ukuze ithoe ngesimo sakhe kwiPirates.
Ifuna ukumqokela esikhundleni sokuqeqesha iqembu lesizwe esizovuleka ngoJulayi uma kuphela inkontileka yalowo osesikhundleni njengamanje.
“Obeyiphini lakhe kwiPirates uSergio Almenara usejoyine iqembu lesizwe laseFinland futhi naye basambhekile,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Futhi manje iqembu lesizwe laseMorocco nalo kukholakala ukuthi licabangela kuye.
“Lezo ngezinye zezinto okukholakala ukuthi ziyambambezela ekutheni azibophezele kwiPirates njengamanje.
“Uyafunwa kwezinye indawo futhi kunzima kuye ukwenza isinqumo esisheshayo ngekusasa lakhe.”
