
Kubuya ubuso obujwayelekile ebhentshini lePirates
I-Orlando Pirates kulindeleke ukuthi imgcine uMandla Ncikazi ethimbeni labaqeqeshi elisha elizoqashwa ngaphambi kwesizini ka-2025/26.
UNcikazi ungene wabamba njengomqeqeshi wesikhashana kulandela ukuhamba kukaJose Riveiro kule sizini.
Uvale umkhankaso ka-2024/25 ngenothi elihle, engahlulwa emidlalweni emine — unqobe owodwa, wadlala ngokulingana kwemithathu.
Ngesikhathi ephethe isikhashana, i-Orlando Pirates iqhubekile nokuqhakambisa ithalente labafana abasebancane abaphuma eqenjini layo le-DStv Diski Challenge.
Lena yifilosofi eyethulwe ngaphansi kwesandla sikaRiveiro, okhombise isibindi ethemba abafana abanganamava.
Abadlali abasafufusa abafana noSimphiwe Selepe, uCemran Dansin, noSiyabonga Dladla banikezwe ithuba lokudlala imidlalo yabo yokuqala eqenjini elikhulu.
Futhi manje sebethathwa njengabadlali abamqoka bekusasa leqembu ngemuva kokudlala ngendlela encomekayo kule midlalo embalwa.
Manje iSoccer Laduma ibika ukuthi leli qembu lihlose ukugcina uNcikazi ukuze kube nozinzo ethimbeni labaqeqeshi.
“Umqeqeshi uMandla Ncikazi usesebenzele ikilabhu kahle nangokuhlonipha umsebenzi ezindimeni ezahlukene futhi ngenxa yalokho uhlonishwa kakhulu.
“Unenkontileka ezoqhubeka kuze kube unyaka ozayo futhi uzoqhubeka nokuba yingxenye yethimba lanbaqeqeshi ngesizini ezayo,” kucashunwe umthombo usho kanje.
UNcikazi, oneminyaka engu-56 ubudala, ujoyine i-Orlando Pirates ngo-2021 esuka kwiGolden Arrows kanti usesebenze ezindimeni ezehlukene.
Lokhu kufaka phakathi njengomqeqeshi obambisene noFadlu Davids nephini ngaphansi kwabaqeqeshi abehlukene.
Ulwazi lwakhe olujulile ngomdlalo wakuleli nobuholi obuzolile kumenze wahlonishwa ezinhlakeni zeqembu.
Njengoba ikilabhu ilungiselela ukuqoka umqeqeshi omusha, izinkomba zithi i-Orlando Pirates ibona ukuqhubeka naye njengokhiye wokwakha inqubekela phambili.
