EzintshaKaizer Chiefs

Ernst Middendorp: iChiefs ‘yiZimuzimu’ elidinga isibindi

Njengoba inkulumompikiswano ngomqeqeshi olandelayo weKaizer Chiefs ishuba, u-Ernst Middendorp usehlonze okudingekayo kumqeqeshi ukuze aphumelele asinde eNaturena. 

Ekuchazeni kwahle embhalweni awushicilele kwiLinkedIN, lo makadebona uchaze le kilabhu “njengeZimuzimu” elidinga okungaphezu kolwazi lwamaqhinga.

Ngokusho kuka-Ernst Middendorp, isimo sakwiKaizer Chiefs singesnye sezingathetheleli nhlobo ebholeni emhlabeni jikelele.

Uthi kulapho “bonke ubuthakathaka buvezwa obala ngokushesha futhi ngokuphelele” njengoba konke okwenzakalayo kugcwala kwabezindaba. 

U-Ernst Middendorp, ocishe wanqoba isicoco seligi ngo-2020 neKaizer Chiefs, uthi ukuqina kwemizwa kubaluleke ngendlela efanayo nezimendlela zokuqeqesha. 

Ngokwakhe, ukuze aphumelele, umqeqeshi kufanele abe nalezi zinto:

  • Inkani: Isibindi sokuma emibonweni yebhola ngisho nalapho “umsindo” ovela kubalandeli nabezindaba uba namandla.
  • Ukuzethemba: Ikhono lokuthatha izinqumo ezingahambisani ngabaningi ngeqholo ngisho ngaphansi kwengcindezi ekhula njalo.
  • Ukuqina kwemizwa: Ukuhlala uzolile futhi ubonisa ukuzethemba ngisho lapho zonke izinqumo zakho zicutshungulwa esidlangalaleni.

Mhlawumbe iseluleko sakhe esicacile simayelana nokwakha uhlaka lokudlala oluhambisana nabadlali onabo.

Abantu abaningi bakholwa wukuthi iChiefs ‘inesiko’ lwayo nendlela okumele idlale ngayo. 

Kodwa u-Ernst Middendorp uphakamisa ukuthi ukwehluleka okuningi kwiKaizer Chiefs kudalwa abaqeqeshi abazama ukwanelisa okulindelwe abalandeli.

Uthi ukuzama ukujabulisa abalandeli ngokudlala uhlobo oluthile lebhola ngaphandle kokubhekisisa uhlobo lwabadlali onabo yikho okuyingozi ekhuba abaningi.

“Ukuqeqesha akuphathelene nokulandela amaphupho, izifiso, noma okulindelwe umphakathi. 

“Kumayelana nokusebenza ngeqiniso ngokubheka uhlobo lwabadlali onabo,” kubhala uMiddendorp.

Ugcizelele ukuthi umsebenzi omkhulu womqeqeshi ukuhlonza ngokwethembeka amandla nemikhawulo yomdlali ngamunye eqenjini. 

“Uhlaka lweqembu luphuma kumakhono abadlali ngamunye, hhayi kwindlela okufuneka iqembu lidlale ngayo olungahambisani nohlobo lwabadlali.”

UMiddendorp uvikele amasu akhe ayewasebenzisa ngesikhathi ecija leli qembu, agcina ebiza ngokuthi yi‘helicopter football’. 

Uveze ukuthi kuvela izinhlaka ezingajwayelekile lapho umqeqeshi eyeka ukuzama ukuphoqa “uhlaka oluthile” eqenjini elingakhelwanga lona.

“Ezinye izindlela ezingajwayelekile zokudlala zingase ziqhamuke ngenxa yokuthi umqeqeshi ubahlaziye ngokucophelela abadlali…

“Uzama ukubahlela ngendlela ekhulisa amakhono abo futhi ivikele ubuthakathaka babo.

“Eqenjini elifana neKaizer Chiefs, ubuholi bokuqeqesha busho ukuhlola okucacile, isibindi ekuthathweni kwezinqumo…

“Nokwakha uhlaka olubonisa amandla angempela eqembu, hhayi inkohliso yalokho abantu abangathanda ukukubona,” kuqhuba uMiddendorp.

Njengoba amagama kaBenni McCarthy noPitso Mosimane eqhubeka nokumataniswa nalo msebenzi, amagama kaMiddendorp asebenza njengesixwayiso esinzima. 

Umsebenzi wokucija iChiefs awukona nje owokunqoba imidlalo; kumayelana nokuphila ngaphansi kwengcindezi esidle abaqeqeshi abaningi bephila. 

Isifanekiso sakhe “seZimuzimu” siphakamisa ukuthi ngaphandle uma umqeqeshi olandelayo “enenkani” yokunganaki umsindo, kuzoqhubeka ukuphekwa kuthululwe.