
Kubuhlungu kuBamuza ukubuka iCosmos iphelela emehlweni
- Alfred NGUBANE
UBamuza Sono, oyindodana kaJomo Sono, ukhathazwa ukubona iqembu likayise, iJomo Cosmos, lishabalala phambi kwamehlo abo.
Kuvela ukuthi uBamuza usola uyise ngalokhu. Umthombo osondelene nalo mndeni utshele iLisenethini ukuthi uBamuza akaneme neze.
“Uma ebona iKaizer Chiefs, uvele afikelwe wusizi ngoba uKaizer Motaung wayedlala noyise kwi-Orlando Pirates nase-USA.
“Phela kulapho babuya bae sebesungula amaqembu aboiKaizer Chiefs neJomo Cosmos,” kusho lo mthombo.
“Kodwa manje iJomo Cosmos iyaphela njengoba isidlala kwi-ABC Motsepe League.”
Kuvela ukuthi isimo sesisibi ngendlela yokuthi uBamuza usethuthele eKapa, washiya eGoli.
Uhambe nendodana yakhe obesekubhekwe ukuthi izogcina ingene eqenini elikhulu leCosmos njengoba beyiza kahle.
“UBamuza ubejwayele ukuletha indodana yakhe eqenjini labafana abaneminyaka engu-13 kuya ku-17,” kuqhuba umthombo.
“Besilokhu sithi mhlambe indodana kaBamuza ayiphilanga kodwa hhayi sishaye eceleni njengoba uJomo Sono usitshelile ukuthi uhambe noyise baya eKapa.
“Besimlindele emidlalweni neMamelodi Sundowns, iKaizer Chiefs, ne-University of Pretoria ngoba bayathanda ukudlala nalamaqembu abafana abancane.”
Into ekhalisa uBamuza wukuthi uyise usafuna ukuzibambela kukho konke, yize sekucaca ukuthi amasu akhe asephelelwe yisikhathi.
ILisenethini ixhumane noMthandeni Mntambo ongumqeqeshi wenkulisa yeJomo Cosmos, wavuma ukuthi umfana kaBamuza batshelwa ngaye.
OLUNYE UDABA: IChiefs isamzingela umgadli ofunwa uNabi ngabomvu
“Saziswa ukuthi uzohamba nabazali bakhe baye kongcebeleka eKapa amaviki amabili,” kusho uMntambo.
Imizamo yokuthola uvo lukaJomo Sono ngalokhu beyingakaphumeleli kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
