
UKhanye uphawula ‘ngokuzazisa’ kukaDuba weChiefs
UJunior Khanye usetuse kakhulu indlela umgadli we-Kaizer Chiefs, u-Wandile Duba, abonakala ezethemba ngayo emidlalweni yakamuva.
UKhanye ubekhuluma ngendlela uDuba, oneminyaka engu-22, angena ngayo ebhokisini neminyakazo yakhe ezindaweni eziyingozi.
UDuba useshaye amagoli amathathu emidlalweni emine yeBetway Premiership kule sizini, esiza Amakhosi ukuthi ahlale endaweni yesithathu kwilogi.
Ekhuluma kwi-iDiski TV, uKhanye uthe u-Wandile Duba ungumgadli ongcono kakhulu i-Kaizer Chiefs enaye njengamanje.
Uthi lokhu kungenxa yokuzethemba nokukwazi ukungena ezikhaleni ngobuhlakani uma iqembu lihlasela.
“IChiefs bekumele ishaye amagoli amaningi kakhulu esiwombeni sokuqala ibhekene neSiwelele.
“Bekumele ishaye angaphezu kwamane,” kusho uKhanye ehlaziya lo mdlalo.
“UDuba, ngicabanga ukuthi lo mfana ungcono kunabagadli iChiefs enabo njengamanje.
“Engikuthandayo ngaye ukuthi uyazazi, uyazitshela. Lokho kuzitshela kuyadingeka enkundleni.
“Kuhle uma umdlali enakho futhi ekusebenzisa ngendlela efanele ngesikhathi edlala.
“Indlela ashaye ngayo igoli ngesithende ikhombisa lokho. Ngiyawuthanda nomoya wakhe uma edlala. Unalento engingafuni ayilahle.”
UKhanye uphinde wancoma indlela uDuba angena ngayo ezikhaleni, wathi uyakwazi ukunyakaza, ukulawula ibhola nokushaya amaphasi.
- FUNDA NALA | Kumiswe abeseka uZungu ekuvoteni kwiSafa
Uthe ukukhula kuka-Wandile Duba enkulisa kumenze waba ngcono kunabanye abagadli abaningi i-Kaizer Chiefs enabo.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
