EzintshaMamelodi Sundowns

Uvume isifundo oweDowns iGalaxy imvulela isahluko esisha

Lokhu kungemuva kokuthi iSundowns ihlulwe ngendlela eyivelakancane futhi engakholakali ishaywa yiTS Galaxy ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku. 

“Yithi ebesiphethe umdlalo futhi iGalaxy beyivika thina wonke umdlalo. Wukuthi nje besingenawo umdlandla ebesiwudinga.

“Umdlalo wethu wesine lona emahoreni angu-72 futhi sikujezele lokho.

“Sibe namathuba angcono futhi bekufanele sishaye igoli kodwa sachithwa yigoli ngomzuzu wokugcina wesiwombe sokuqala. 

“Besingenawo amandla esiwombeni sesibili,” kusho uCardoso. Igoli leGalaxy lingene ekupheleni kwesiwombe sokuqala.

UCardoso uthe uthatha izifundo ngokuhlulwa kwakhe kokuqala kwiligi, futhi wathembisa ukusebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi babuya ngamandla engeziwe.

“Isifundo esokuthi siqhubeke sibheke phambili, siqhubeke nokusebenza,” kusho uCardoso. 

“Ngihlale ngisho ukuthi kuzoba wumsebenzi omude futhi akekho ongangijikisa kulokho.

“Ngisho nanamuhla imicabango yami iyilokho. Sizovuka kusukela namuhla, futhi ngokuqinisekile sizobuya namandla angeziwe.”

IGalaxy ibizimisele ngokuphinde ibe wuhlupho kwiSundowns. Idlale ngokuzimisela okusezingeni elihle.

Kuthe lapho kukhala impempe yokuqeda umdlalo, bekungebona abalandeli beGalaxy kuphela abajabulile. Ukunqoba kwayo kutnyakazise izwe lonke.

IRockets ilwe kanzima futhi yathola iwini engandele bani ishaya iSundowns ngo 1-0. 

Bese kungokwesibili iSundowns ihlulwa kwiligi kule sizini.

Lo mphumela uvimbe iSundowns ukuthi inwebe igebe layo phezulu kwilogi yeBetway Premiership. Igebe layo lisahleli emaphuzwini ayisishiyagalolunye esikhundleni sangu-12 ebelizoya kuwo ukube inqobile.

Lona umphumela omuhle kakhulu emaqenjini ahubha iSundowns. I-Orlando Pirates, esendaweni yesibili, iyona ezojabula kakhulu.

Ukunqoba kweGalaxy kuvuselele umjaho wesicoco, kwaqiniseka ukuthi awujabhisi njengaseminyakeni edlule la iSundowns ibivele isheshe ivule igebe kucace ibhekephi.