
Kanti kwenzakalani ngoSipho Mbule? U-Ouaddou uyachaza
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou usegcine ephawulile ngokungabi bikho kukaSipho Mbule emidlalweni emibili edlule.
USipho Mbule no-Evidence Makgopa bebengekho emdlalweni weBetway Premiership la i-Orlando Pirates ihlule khona iMagesi FC ngempelasonto.
IPirates inqobe ngo 2–0 kulo mdlalo obuse-Orlando Amstel Arena ngoMgqibelo ebusuku futhi idlale ibhola elihle.
Lo mphumela unyusele iPirates endaweni yesibili kwilogi njengoba seyinamaphuzu angu-32, elinganayo naweMamelodi Sundowns eqhwakele.
Okuthatha amehlo ukuthi amaBhakabhaka anomdlalo asilele ngawo futhi angase aqhwakele ngokunqoba uma esebhekene naMaZulu FC ngoLwesibili eMoses Mabhida Stadium eThekwini.
Naphezu kokusebenza okuhle, amehlo athathwe kakhulu wukungabi khona kwentandokazi yabalandeli uMbule eqenjini.
Lo mdlali wasesiswini usephuthelwe yomibili imidlalo yeligi kusukela kubuywe ekhefini le-Afcon okuhlanganisa nala idlale khona ngokulingana ngo-0–0 neSekhukhune United.
USipho Mbule, ojoyine i-Orlando Pirates mahhala esuka kwiSundowns ngoJulayi, ubengumdlali obalulekile engxenyeni yokuqala yesizini.
Udlale imidlalo engu-16 kuyo yonke imiqhudelwano emzuliswaneni wokuqala futhi ubenza kahle.
U-Evidence Makgopa naye ubengekho emdlalweni weMagesi, kwaba uYanela Mbuthuma oqala umdlalo.
Umdlali osayiniswe ngoJanuwari u-Andre de Jong nguye obengumgadli osebhentshini futhi ungene ngesiwombe sesibili.
Nokho u-Ouaddou uvele wazithela ngabanayo uma ebuzwa ngalaba badlali ababalulekile – ikakhulukazi uMbule – wathi akunankinga ekhona.
“Iqembu elizolala siliqoka ngokubheka uhlobo lwembangi esizobhekana nayo,” kusho u-Ouaddou.
“Sinemidlalo eminingi ezayo. Sidlala naMaZulu ngoLwesibili, bese kuba yiNedbank Cup (ngempelasonto).
“Sizobe sidlala njalo ezinsukwini ezintathu, ngakho ukuphathwa kwabadlali kubaluleke kakhulu.”
FUNDA NALA | UKaze uveza iphupho leChiefs lezicoco ezintathu
Njengoba imidlalo isondelene futhi umjaho wesicoco ushuba, iPirates ibonakala isaqhubeka nokushintshanisa abadlali — noma ngabe lokho kusho ukushiya abanegama ngaphandle.
Kodwa ke ukungabikho kukaMbule sekuqale amahlebezi kubalandeli ngokuthi kungenzeka ukuthi kukhona akwenze ngendlela engafanele.
