
U-Ertugral upopola ingozi ngesinqumo seCaf nge-Afcon
Umakadebona womqeqeshi uMuhsin Ertugral usegxeke “izimiso” zenhlangani eyengamele ibhola e-Afrika ngemuva kwesinqumo esishaqisayo ngesicoco se-Africa Cup of Nations (Afcon).
ICaf isanda kuphuca iSenegal isicoco sayo esinqobe ezinyangeni ezimbili ezidlule ngemuva kwesikhalo seMorocco.
Lesi sicoco sibe sesinikwa iMorocco ngemuva kokuthi isigungu seCaf sithole ukuthi iSenegal yephula imithetho ngokushiya umdlalo iphume enkundleni.
Lokhu kwenzeka emdlalweni wamanqamu la abadlali beSenegal bacasulwa yisinqumo sikanompempe qede baphuma enkundleni.
Isinqumo seCaf sokuthi iphuce iSenegal isicoco se-Afcon bese isinika iMorocco sesiqubule izimpikiswano.
U-Ertugral yena uchaze lesi sinqumo njengehlazo elibi, wathi sivula “umnyango oyingozi”.
Uveze ukukhathazeka ngokuthi kuguqulwe umphumela emasontweni amaningi kangaka ngemuva komdlalo owadlalwa imizuzu engu-120.
“Awukwazi ukuqeda umdlalo wamanqamu bese ukhalaza ngomphumela kungazelelwe,” kusho u-Ertugral.
“Kuphakathi kokuthi uyayethemba inqubo yasenkundleni, noma sonke siyavuma ukuthi inqubo yokuphathwa kwebhola iphukile.
“Kimi akukho okunye. Ukulungisa amaphutha kuyingxenye yebhola lesimanje.
“Kodwa kimi, ukubhala kabusha umphumela obalulekile ngemuva kokuphela komdlalo kuvula umnyango oyingozi.
“Lolu daba alukho ngeqembu elithile. Lungokulandelwa kwezinqumo zasenkundleni.
“Namuhla yiSenegal. Kusasa? Angicabangi ukuthi kuwubulungiswa lobu,” kwengeza u-Ertugral.
Kulo mqeqeshi, icala likwiCaf kuphela hhayi abadlali ababesenkundleni ngosuku lwesimanga.
Uxwayise ngokuthi “ukungabi naqiniso” ekusingatheni amaphutha yikho okucekela phansi umdlalo.
Lo mqeqeshi ukholwa ukuthi “ukuthembela ohlelweni lwasenkundleni” wukuphela kwendlela yokugcina ubuqotho bebhola.
Isexwayiso sika-Ertugral sicacile: uma izinqumo zasemahhovisi zithatha indawo yemiphumela yasenkundleni, ibhola lase-Afrika lisengozini.
