
Mhlongo v Manyisa: OweBucs neDowns ‘uxova’ abangani
UBrighton Mhlongo no-Oupa Manyisa ngabangani abadala futhi ibhola lenza ubudlelwano babo buqine nakakhulu.
Nokho lobu bungani busengozini njengoba kuzodlala iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates emdlalweni weBetway Premiership ngeSonto.
IPirates izosingatha iSundowns eFNB Stadium, kanti umbango phakathi kwala maqembu womabili udala impi phakathi kukaBrighton Mhlongo no-Oupa Manyisa.
UMhlongo owayengunozinti wePirates umile kwelokuthi yize umngani wakhe eke wadlala kwiSundowns kodwa inhliziyo yakhe iyohlale ikweZimnyama.
Ngakolunye uhlangothi u-Oupa Manyisa uthi yena weseka iSundowns futhi uyibona izozidlela amahlanga qede inqobe ngo 2-0.
“IPirates yinhle kakhulu. Isikhathi sokugcina iPirates inqoba imidlalo emihlalu kuya kweyisikhombisa kulandelana yagcina iba ngompetha ngesizini ka-2002/03.
“Leli qembu lePirates ngaphansi kobuholi bukaDon Jose (Riveiro) belilokhu likhombisa ukuthuthuka okukhulu nesifiso sokunqoba ngazo zonke izindlela,” kusho uMhlongo.
Womabili la madoda ayawujabulela umbango naphezu kokuthi anezifiso nemibono ehlukene ngomphumela wawoo.
UMhlongo ubikezela ukunqoba kwePirates, kanti uManyisa yena ukholwa ukuthi iSundowns izoqhubeka nokuzidlulela kalula kwiBucs.
UBrighton Mhlongo uncoma ukusebenza kahle kwePirates, egqamisa abadlali abafana noMakhehleni Makhaula, Sipho Chaine, noMohau Nkota.
UMhlongo uzobe ekhona eFNB Stadium ukuzibonela ngawakhe lo mdllao kanti uManyisa yena ukhale ngokuthi unolunye uhambo angeke akwazi ukuluhoxisa.
Egcina ukuhlangana lamaqembu, iPirates yaphuma enkundleni imisila ingaphansi kwemilenze isithole isibhaxu sika 4-1.
Abalandeli bangabuka lo mdlalo bukhoma ku-Showmax Premier League ngokubhalisela uhlelo lweselula ngo-R69 ngenyanga. Ungabhalisa lapha: www.showmax.com
