
OweChiefs usephawulile ngoPetersen ‘obahlinzela ezibini’
I-Kaizer Chiefs ilahle amanye amaphuzu amabili ePolokwane, kanti kulokhu umqeqeshi uFernando da Cruz ugcine ekuvezile ukukhathazeka kwakhe ngo-Brandon Petersen.
Amakhosi abezihola phambili ngegoli likaLebohang Maboe e-Old Peter Mokaba Stadium ngoMgqibelo futhi ebukeka ezowawola wonke amaphuzu.
Kodwa igoli likaGiovanni Philander eliqhamuke kade kuyikhona, uPetersen walidudulela epalini lakhe, lenze asala amaphuzu amabili.
Lokhu kushiye iChiefs isendaweni yesine kwilogi yeBetway Premiership ngamaphuzu angu-12 emidlalweni eyisithupha.
Kuphinde kwaba elinye igoli ebelingagwemeka ukuthi lingene, okwenze uDa Cruz wakhungatheka.
U-Brandon Petersen useqale ukuba sematheni njalo uma i-Kaizer Chiefs ilahle amaphuzu ngoba uba nesandla emagolini adla inethi yakhe.
Kule sizini usedlale imidlalo eyisikhombisa, wangenelwa amagoli ayisikhombisa. Uwodwa umdlalo angangenelwanga yigoli kuwo.
Lokhu kuhluke kakhulu kunesizini edlule, lapho abe yinsika ekusizeni iChiefs iqede endaweni yesithathu.
UPetersen akangenelwa amagoli emidlalweni engu-18 futhi waba sethubeni lokubizelwa eqenjini leBafana Bafana ebelikwiNdebe yoMhlaba.
UDa Cruz ugcine ekhulumile ngalesi simo salo nozinti ngemuva komdlalo.
“Yebo, impela kuyadumaza ngoba esiwombeni sokuqala uBrandon Petersen uvimbe amabhola amabili abemabi.
“Kodwa ngemuva kwalokho angibonanga lutho,” kusho lo mqeqeshi ezama ukubibiyela le nkinga abhekene nayo.
Uthe okwenza leli phutha libe buhlungu kakhulu ukuthi babeyazi ingozi yePolokwane City emabholeni abekwe phansi.
“Besazi ukuthi iPolokwane City yinhle kakhulu emabholeni abekwe phansi nalawo agotshwayo.
“Kodwa uma singenelwa yilolu hlobo lwegoli, kuyadumaza,” kuqhuba uDa Cruz.
I-Kaizer Chiefs manje izobhekana neGolden Arrows ngeSonto kanti u-Brandon Petersen udinga ukusebenza kahle, angangenelwa yigoli.
- FUNDA NALA | IGallants isiqashe owodumo kwiSundowns
Lokhu kungamsiza ukuthi abuyise ukuzethemba futhi anciphise ingcindezi abhekene nayo njengamanje.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
