Ezintsha

Isiqalo esisha neholo elikhulu kuThembikosi Lorch

– UDABA: Ngu-ALFRED Ngubane

Lo mdlali owake wadlala kwi-Orlando Pirates kubikwa ukuthi uzohola imali ebalelwa ku-R1.2 million ngenyanga.

Lena kukholakala ukuthi yimali enkulu asake wayihola kusukela aqala ukudlala ibhola elikhokhelayo.

Nokho, kunesahluko esisodwa sokugcina okumele asivale uThembinkosi Lorch ngaphambi kokuthi aqale uhambo lwakhe lwaseLibya. 

Njengengxenye yesivumelwano ne-Al Ittihad, iWydad Casablanca ivunyelwe ukumgcina kule mpelasonto, adlale umdlalo wakhe wokugcina kuyo.

Uzodlala kwiWydad uma seyidlala umdlalo kaGroup B weCaf Confederation Cup ne-AS Maniema.

Uma kuphela lo mdlalo, uLorch uzobe esevalelisa ngokusemthethweni eMorocco bese alibangisa eLibya ukuyoqala isahluko esisha.

Selokhu ashiya iNingizimu Afrika, umsebenzi kaLorch ukhombise ukuvuseleleka ngendlela emangalisayo. 

Ukuphuma kwakhe kwi-Orlando Pirates kwenzeke ngemuva kokushayisana obekubikwa ukuthi kukhona phakathi kwakhe nabanye abadlali.

Ube esedayiselwa iMamelodi Sundowns yize abalandeli babekhala kwazise babesamthanda futhi bembona engumdlali omqoka.

Kodwa ke izinto zifike zangamlungela eChloorkop njengoba engaqedanga nonyaka wabe esebolekiswa kwiWydad, egcine imsayina ngokugcwele. 

Manje kubukeka efike wavuseleleka eNyakatho Afrika njengoba esethole neqembu elimethemba ngendlela yokuthi lizomkhokhela izigidi. 

UThembinkosi Lorch usanda kuba sematheni ngemuva kokushiywa ngaphandle eqenjini leBafana Bafana ebeliye kwi-Afcon.

Umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, wakhala ngokuthi ukumkhetha kuzodala uqhekeko ekhempini yakhe.

Njengoba manje esethole iholo elikhulu, ukuqala kabusha komsebenzi kaLorch kuyaqhubeka ngokusemthethweni — futhi wonke amehlo azoba kulokho azokwenza eLibya.