DStv PremiershipEzintsha

Izinguquko ezishaqisayo ngomqeqeshi kwiRichards Bay

  • Intatheli yeLisenethini

UVilakazi ubambe elikhulu iqhaza ekusizeni le kilabhu yaseKZN ukuthi iqhubeke nokudlala esigabeni esiphezulu ngemuva kokunqoba imidlalo yePSL Promotional/Relegation Playoffs ekuqaleni kukaJuni. 

Imizamo yakhe yenze abaphathi bavuselele inkontileka yakhe, kwengezwa ngesizini eyodwa. 

Nokho ukufika kwabaxhasi abasha iPhakwe Gas kulethe izinguquko ezinkulu kuleli qembu. 

Isivumelwano soxhaso sika-R100-million sihlanganisa nokufuna kulethwe umqeqeshi onamava, njengoba kwasho isikhulu sePhakwe Gas uThabiso Tenyane esithangamini nabezindaba ngenyanga edlule. 

“Esinye isimanga esizayo, kuzoba umqeqeshi,” kusho uTenyane, ekhombisa ukuthi banenhloso yokulekelela ekuphathweni kweqembu.

Ngokombiko we-FARPost, iRichards Bay FC ixoxisana nabaqeqeshi abaningana abanamava. 

UVilakazi, oseke waqeqesha kwiGolden Arrows neChippa United phambilini, kuthiwa ubesezanyelwa ekutheni abe yiphini lomqeqeshi ozoqashwa. 

Lokhu kushintshwa kwesikhundla nemizamo yokuguqula imigomo yenkontileka yakhe kwenze uVilakazi wasula.

Imithombo esondelene neqembu iveze ukuthi imizamo yabaphathi yokushintsha imibandela yenkontileka kaVilakazi iholele ekutheni izingxoxo ziphazamiseke. 

Zombili izinhlangothi sezifinyelele esivumelwaneni sokuthi okungcono akwehlukanwe ngokuthula. 

Manje, iRichards Bay seyibhekene nenselelo yokuthola umqeqeshi omusha sekusele amasonto ambalwa kuqale isizini yeBetway Premiership.