
IPirates nezingezinhle ngoNdah, nabanye abalimele
- Intatheli yeLISENETHINI
I-Orlando Pirates izokwamukela iMagesi FC e-Orlando Stadium ngoMgqibelo emdlalweni wayo wokuqala kwiCarling Knockout ixhugela.
Ngeshwa, eZimnyama zizobe zingenaso isethenjwa sayo emuva u-Olisa Ndah nabanye abadlali abambalwa abaselashwa.
Lesi sitobha saseNigeria asizange siwudlale nomdlalo wamanqamu kwiMTN8 kulandela ukulimala emdlalweni weligi iPirates ibhekene nePolokwane City.
Ngokwesitatimende sePirates, uNdah kulindeleke ahlale isikhashana impela engadlali ngenxa yalokhu kulimala kwakhe.
“Ithimba lodokotela liqinisekise ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-26 uchachambelwe yithambo lomlenze,” kusho lesi sitatimende.
“Ngenxa yobucayi kwalokhu kulimala, isinqumo ngokuhlinzwa asilula kodwa sizothathwa ngemuva kokuhlolisisa ukuthi lichachambe kangakanani ithambo.”
Siqhube sathi okwamanje okungabikwa wukuthi uNdah ngeke esadlala kulo nyaka.
Abanye abadlali abalimele ekhempini yePirates yilaba:
UThalente Mbatha – Usaqhubeka nokwelulama egadwe odokotela kulandela ukulimala emdlalweni wamanqamu weMTN8.
Ithimba lodokotela lizoqhubeka limbeke iso kuleli sonto ngaphambi kokumkhulula ukuba abuyele ekujimeni ngokugcwele neqembu.
UBandile Shandu – Useqalile ukujima ngokugcwele neqembu. Useke wadlala nemizuzu engu-35 emidlalweni yobungani.
UTapelo Xoki – Usekhululiwe ukuthi aqale ukujima ngokugcwele neqembu, kodwa usabuyiselwa esimweni esifanele ngaphambi kokuthi akwazi ukudlala.
UGoodman Mosele – Usesemaphethelweni ohlelo lokumelapha kanti useqalile ukugijima futhi ufakwe ohlelweni lokumehlisa isisindo.
UZakhele Lepasa – Naye useya emaphethelweni okwelashwa futhi useqalile ukugijima nokuqinisa umzimba.
UThabiso Lebitso – Naye useqalile ukugijima futhi uzokwengeza izinhlelo zokujima kusukela ngesonto elizayo.
USandile Mthethwa – Uklunyuke umsipha waseqolo ejimini. Useqalile izinhlelo zokwelulama nochwepheshe wangaphandle kweqembu owelapha lolu hlobo lokulimala.
OLUNYE UDABA: Isibibithwane kuBroos kulimala isethenjwa sakhe
U-Ethan Visagie – Waklunyuka umsipha weqakala lakwesokudla ejimini. Useqale uhlelo lokwelashwa.
