URamovic ubalisa ngesigwebo nokuqala kabusha njalo
- Intatheli yeLisenethini
Umqeqeshi weTS Galaxy, uSead Ramovic, uphawule ngesigwebo seFifa esicindezela iqembu lakhe kulandela ukuhlulwa ngo 3-1 yiStellenbosch FC ngempelasonto.
Leli qembu laseMpumalanga livaliwe ukubhalisa abadlali abasha kuze kube likhokha imali elinganiselwa ku-R1.8 million elikweleta owayengumgadli walo uBernard Kouassi.
Futhi yize iGalaxy isayine abadlali abasha kuleli windi lokuhwebelana ngabadlali, ayikwazanga ukubabhalisa futhi abakwazanga ukudlala emdlalweni weMTN8 ngempelasonto edlule.
“Kumele sazi okwamanje, ikilabhu yami, iTS Galaxy, iyikilabhu kwesinye isikhathi edinga ukudayisa abadlali,” kusho uRamovic ngemuva komdlalo.
“Futhi sixoxile ngaphambi komdlalo; ngicabanga ukuthi alikho iqembu kwiligi yethu eselidayise abadlali abangu-10 njengoba senzile.”
URamovic uvumile ukuthi kunezinselelo zokwakhiwa kabusha iqembu ngabadlali abasuka kwiNational First Division (NFD) nabancane abaphuma ezinkulisa zeqembu.
“Akulula, vele, ukuphinda ngakhe ngabadlali beNFD nabafana abancane abaqhamuka ezikhungweni zokuthuthukisa amakhono,” kuvuma yena.
“Kodwa kufanele sithole indlela yokuphumelela, futhi yileo ndlela esenza ngayo.”
Naphezu kobunzima, uRamovic usazethemba ngesikwati esikhona. Uthemba nokuthi abaphathi beqembu bazokwazi ukuqeda lesi sigwebo.
“Yebo, nginesiqiniseko sokuthi sizokwazi ukudlala ngabadlali esinabo njemanje kuhlangene nesibathengie,” usho kanje.
OLUNYE UDABA: U-Arendse uveza okumchaze ngoPule koweBucs
“Nginesiqiniseko sokuthi leli cala lizoxazululwa, bese kufanele sakhe kabush futhi.”