Bafana BafanaEzintsha

UHugo Broos uccacisa ngokusala kwabeChiefs kwiBafana

Abadlali abathathu beChiefs, oMduduzi Shabalala, uYusuf Maart noBruce Bvuma bebeseqenjini lokuqala likaHugo Broos ngesonto eledlule.

Kodwa ngesikhathi eseememezela isikwati sokugcina ngoLwesine, laba badlali bamakhosi basale ngaphandle.

Njengoba iChiefs isinqobe iNedbank Cup muva nje, bekucatshangwa ukuthi abadlali bayo bazongena eqenjini elizodlala imidlalo yobungani ezayo.

Okunye obekubhekwe kuvulele abeChiefs indawo wukuthi abekho abeMamelodi Sundowns ababiziwe kulesi sikwati sakamuva. 

IBafana Bafana kaHugo Broos izobhekana neTanzania ngoJuni 6 neMozambique ezinsukwini ezine ukusuka lapho.

Lo mqeqeshi weBafana ukuqinisekisile ukuthi akababizanga abadlali beSundowns ngenxa yokuthi baya kwiFifa Club World Cup ngawo uJuni.

Nokho yize ithimba leSundowns lingekho, indawo yabadlali baMakhosi ayivelanga. 

“Kimina, okwamanje angikwazi ukukhetha abadlali beKaizer Chiefs,” kusho uHugo Broos. 

“Futhi ngithemba ukuthi bazoba nesizini engcono ngonyaka ozayo. 

“Kulungile, bawine indebe, kodwa ngicabanga ukuthi lokho bekuwukuphela kwento evelele ngesizini yeChiefs. 

“Konke okunye akubanga kuhle kangako. Angicabangi… Kulungile, abalandeli bajabule kakhulu ngoba bawine indebe.

“Kodwa kufanele sikhulume iqiniso futhi anginanxa neChiefs… Kufanele ngithembeke ekukhetheni kwami.

“Isikhathi esiningi izinto bezingezinhle kwiChiefs. Ngaphandle kwalokho iqembu elifana neChiefs akumele libe ngunombolo 9 kwilogi.

“Kumele libe sendaweni yesithathu, indawo yesibili noma indawo yokuqala,” kusho uBroos weBafana Bafana.

Umdlali weChiefs obekubhekwe ukuthi engabuyela kwiBafana uThabo Cele, kodwa yena akakhethwanga naseqenjini lokuqala.