
Izembe linikwe ‘uhlanya’ kwi-Arrows, luqeda ngabaqeqeshi
Sekuvele ukuthi i-Golden Arrows isihlukane nomqeqeshi wayo uManqoba Mngqithi njengoba iqhubeka nokwenza izinguquko ethimbeni labaqeqeshi ngaphambi kwesizini ka-2026/27.
Leli qembu laseThekwini kuthiwa seliqede ubudlelwano noMngqithi ngemuva kwehlandla lakhe lesithathu.
Akuyena kuphela oseshiyile njengoba nabebengamaphini akhe oKagiso Dikgacoi noMusa Bilankulu, nomqeqeshi wonozinti uMarcus Mashilo, nabo sebekhonjwe indlela.
Yize sekukhona lezi zinguquko, i-Golden Arrows ibe nesizini engeyimbi neze.
Abafana Bes’thende baqede endaweni yesithupha kwiBetway Premiership futhi bafinyelela kowandulela owamanqamu kwiMTN8 kanye neCarling Knockout.
Ukushiya kukaMngqithi kuza ngesikhathi igama lakhe belimataniswa nomsebenzi weKaizer Chiefs.
Nokho, lawo mahebezi abonakala esephelile njengoba kubikwa ukuthi Amakhosi asondele ekuqokeni kukaFernando Da Cruz njengomqeqeshi omusha.
UMngqithi ushiya i-Golden Arrows njengomunye wabaqeqeshi abaphumelele kakhulu emlandweni wale kilabhu.
Uhole iqembu emidlalweni engu-184 kumahlandla amathathu ehlukene futhi usalokhu enguye yedwa umqeqeshi osewine indebe enkulu nayo ngesikhathi ethola iMTN8 ngesizini ka-2009/10.
Ukushiya kwakhe kushiya imibuzo eminingi ngokuthi ubani ozothatha izintambo nokuthi ikusasa lakhe libhekephi njengoba kusondela isizini entsha.
