
Kubhekwe lukhulu kuBenni McCarthy oqala indima entsha
UBenni McCarthy usethulwe ngokusemthethweni njengomqeqeshi omusha weqembu lesizwe labesilisa laseKenya.
Wethulwe emcimbini ubuseNairobi ngoMsombuluko. UBenni McCarthy uzojoyinwa ngumqeqeshi wonozinti uMoeneeb Josephs.
Iphini lakhe kuzoba uVasili Manousakis bese kuthi ingqapheli uPilela Maposa abajoyine ngokuhamba kwesikhathi.
Bobane basayine izinkontileka zeminyaka emibili. Bake basebenza ndawonye kuMaZulu FC phambilini.
Le nkakha yeBafana Bafana ijabule ngalo msebenzi wayo wokuqala wokucija iqembu lesizwe.
Uhlose ukwenza iKenya ibe ngelinye lamaqembu anamandla ebholeni lase-Afrika.
“Kungenza ngizizwe ngihloniphekile ukuba lapha,” kusho uMcCarthy.
“Angisakwazi ukulinda ukuqala lolu hambo futhi ngisize iKenya ifinyelele ezingeni eliphezulu.”
Ukholwa ukuthi iKenya inamandla amakhulu. Uqhathanise iqembu namanye aphumelele ebe engenalo ithalente elibatshazwayo.
“Ngobuholi obufanele, isimo sengqondo esihle, nokuzimisela ngomsebenzi, singafinyelela izintweni ezinhle,” kwengeza le nkakha.
UMcCarthy uphinde wakhuluma ngeqembu labesifazane leKenya. Ukholwa ukuthi amaqembu abesilisa nabesifazane angakwazi ukungena eNdebeni yoMhlaba.
Unethemba lokwakha ubudlelwano obuqinile nabaqeqeshi bamakilabhu endawo.
Ugcizelele isidingo sobumbano phakathi kwabaqeqeshi bamakilabhu nabaqeqeshi bamaqembu esizwe.
“Ngifuna ukwazi abaqeqeshi bendawo, ngiqonde abadlali babo, futhi ngisebenze nabo,” kuqhuba uBenni McCarthy.
“Ngaleyo ndlela, singakwazi ukuhlonza ithalente elincane futhi sibambe amakhempu amancane ukuze sibathuthukise.”
Ukuqokwa kukaBenni McCarthy kukhombisa inkathi entsha yebhola laseKenya kanti naye yisinyathelo esikhulu emsebenzini wakhe lesi.
Ngaphambi kwalo msebenzi, uMcCarthy ubesebenza kwiManchester United la enze khona umsebenzi obonakalayo engumqeqeshi wabagadli.
Umdlalo wakhe wokuqala neHarambe Stars uzoba ngoMasi 17 uma sebebhekene neGambia emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
