
OweKruger United ucacisa ngamahlebezi okuxoshwa komqeqeshi
I-Kruger United isiyichithile imibiko ebisabalele ethi umqeqeshi u-Abram Mongoya ususiwe esikhundleni sakhe kwafakwa uJoel Masutha.
Bekubikwa ukuthi uMasutha uzothatha izintambo kuleli qembu elisanda kukhushulelwa kwiBetway Premiership, okudale ukuqagela okukhulu ngekusasa likaMongoya.
Nokho usihlalo we-Kruger United, uBongani Wati, usekuphikile lokho ngokuphelele, eveza ukuthi abantu bawuqonde kabi lo msebenzi omusha kaMasutha.
“Akukho lokho. Yebo, uMasutha usejoyine iqembu,” kusho uWati kwiKickOff.
“Kodwa nguyena ozoba yiphini likaMongoya, hhayi ukuthi uMongoya uzoba yiphini lakhe.
UMongoya uqophe umlando ngokuhola leli qembu laseMpumalanga lanqoba iMotsepe Foundation Championship, labe selikhushulelwa esigabeni esikhulu sebhola laseNingizimu Afrika okokuqala emlandweni walo.
UWati uphinde waveza ukuthi iqembu selibuyele emalungiselelweni esizini entsha futhi maduze lizobamba isithangami nabezindaba ukuze licacise zonke izindaba ezithinta ithimba labaqeqeshi.
Le mibiko iza ngemuva kokuba ikilabhu ibisanda kuchitha amahlebezi okuthi kukhona abadlali abadala asebededelwe.
UWati uthi akukho sinqumo esisemthethweni esesimenyezelwe mayelana nabadlali abaningi okubikwa ukuthi bazoshiya iqembu.
Njengoba i-Kruger United ilungiselela impilo entsha kwiBetway Premiership, kubukeka sengathi iqembu lifuna ukuqeda wonke amahlebezi ligxile emsebenzini wokwakha iqembu elizokwazi ukuncintisana nabakhulu ngesizini ezayo.
