
Iyinkiyankiya ekaMayo ‘ongasadingeki’ kwelase-Algeria
Iqembu lase-Algeria i-CR Belouizdad, alicacisi ngekusasa likaKhanyisa Mayo okuvela ukuthi akabhaliswanga kubadlali elizobasebenzisa kule sizini.
Lo mgadli weBafana Bafana ujoyine iBelouizdad esukua kwiCape Town City ngo-Agasti nyakenye.
Umqeqeshi weBelouizdad, uSead Ramovic ukuqinisekisile ukuthi uMayo akekho ezinhlelweni zakhe.
“Kube yisinqumo sami, futhi besingelula,” uRamovic ucashunwe esho kanje kwi-iDiski Times.
“UMayo uyingcweti yangempela, futhi ngimhlonipha kakhulu. Kodwa ebholeni kubuye kube mayelana nesikhathi, indima efanele yomdlali, nesu eliphelele leqembu.
“Kulesi sigaba, ngikholwa ukuthi inselelo entsha ingaba yithuba elingcono kakhulu lokuthi aqhubeke nokudlala ezingeni eliphezulu.
“Ngimfisela yonke impumelelo esahlukweni esilandelayo somsebenzi wakhe.”
UMayo udlale imidlalo engu-41 kuyo yonke imiqhudelwano kwiBelouizdad ngesizini yakhe yokuqala kuLigue 1 yase-Algeria ngesizini edlule.
Ushaye amagoli ayisithupha. Ngaphambi kokudlulela kwiBelouizdad, uMayo ubemataniswa neKaizer Chiefs kuleli.
Imenenja yakhe uBasia Michaels ikuqinisekisile ngaleso sikhathi ukuthi kwasekusele amathizethize kuphela ukuthi asayine kuMakhosi.
UMichaels waphinde waveza ukuthi uMayo wayezimisele ngokujoyina iChiefs, okuyiqembu uyise, uPatrick Mayo, aduma kulo.
“Bekungekhona ngemali, uKhanyisa ubefuna ukuya kwiChiefs, akubuzwa lokho. Uyise wadlalela iChiefs…
“Kodwa wayehlale efuna ukushiya iNingizimu Afrika. Kuyinto ayehlale eyiveza kimi, bengilokhu ngimphethe kusukela ngo-2018,” kusho uMichaels ngaleso sikhathi.
FUNDA NALA | UMaboe uveza okumbuyisele kwiChiefs
Ukuthi iChiefs izoyivuselela yini intshisekelo yayo kuMayo kusazobonakala, njengoba lo mdlali esebhekene nekusasa elingacacile e-Algeria.
Amakhosi kuzomele akhiphe imali uma ezimisele ukuthola uMayo njengoba useneminyaka emibili esele kwinkontileka yakhe.
