
Ezishaqisayo ngeKaizer Chiefs nomqeqeshi wayo uNabi
IKaizer Chiefs nomqeqeshi wayo oyinhloko uNasreddine Nabi kungenzeka bahlukane kungekudala.
Ngokuma kwezinto njengamanje, lo mqeqeshi waseTunisia ngeke ahambe neqembu uma seliya e-Angola ngoLwesine.
IKaizer Chiefs izovakashela iKabuscorp SCP emlenzeni wokuqala womzuliswano wokuqala weCaf Confederation Cup.
Umdlalo uhlelelwe ukuba se-Estádio 11 de Novembro ngoMgqibelo – kanti kubhekwe isiqalo esihle kuMakhosi..
Emhlanganweni obungoLwesithathu ekuseni eNaturena, uNabi wazisiwe ngezinhloso zeqembu zokuthi ake amiswe kancane emsebenzini, kubika iFARPost.
Ukumiswa kusho ukuthi ngeke abambe iqhaza kunoma yimiphi imisebenzi yeqembu, okuhlanganisa noma liziqeqesha.
Imininingwane yokumiswa kwakhe ayikacaci okwamanje. Lesi sinqumo siza ngemuva kosuku iqembu lihlulwe okokuqala kule sizini ka-2025/26.
Lezi ziqhwaga zaseSoweto zihlulwe ngo 3-1 yiSekhukhune United emdlalweni wayo wesithupha kule sizini kwiBetway Premiership.
Beyiyiqale kahle isizini, inqoba imidlalo emine kwemihlanu, yaphinde yadlala ngokulingana komunye.
FUNDA NALA | UBig Zulu usexolisile ngevidiyo kaMbokazi
Imidlalo emithathu kwemine abayinqobile beyingesikhathi uNabi engekho eqenjini njengoba ebenomndeni wakhe eTunisia kulandela ingozi ebandakanya unkosikazi wakhe.
Ekubuyeni kwakhe iKaizer Chiefs idlale ngokulingana neMamelodi Sundowns, yanqoba ngengcuphe ka 1-0 kwiGolden Arrows, yabe seyihlulwa yiSekhukhune.
