
Iyinkathazo kwiChiefs eyobuhlongandlebe babalandeli
- Sibongiseni GUMBI
IKaizer Chiefs isiphinde yazithola isotakwini kanti isibizelwe ekomidini eliqondisa ubugwegwe kwiPSL kulandela esinye isigameko sodlame lwabalandeli.
Abalandeli baMakhosi bagijime bangena enkundleni, bahlasela onompempe baphinde bajikijela izibi enkundleni emdlalweni wabo neMamelodi Sundowns wakamuva.
Lokhu kwenzeke emdlalweni womzuliswano wesibili weCarling Knockout e-FNB Stadium Novemba 2.
Okhulumela iChiefs, uVina Maphosa, uveze ukuthi ikomidi lePSL eliqondisa ubugwegwe libabeke icala ngelesi sigameko.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi sesiphinde sabekwa icala yiPSL,” kusho uMaphosa kwiGame ON kwiRadio 2000. “Icala lizoqulwa ngomhlaka-15.”
Abalandeli abagila le mikhuba emdlalweni weSundowns, baboshwa kanti uMaphosa uqinisekisile ukuthi bawaqula enkantolo yaseRandburg amacala abo.
“Ngingaqinisekisa futhi ukuthi abalandeli abathathu bavele enkantolo yaseRandburg ngamacala okwephula umthetho iSASREA Act ka-2010.
“Sibe nezigameko eziningi ezifanayo eminyakeni edlule lapho abenzi bobubi babekwa amacala futhi bagwetshwa. Manje sebenamarekhodi obugebengu.
“Siphinde saba nomlandeli owagwetshwa ngo-2019 ngemuva kwesigameko esenzeka eMoses Mabhida Stadium. Lena yimiphumela yalezi zigameko.”
Lesi kube yisigameko sesibili esifanayo esithinta iChiefs kule sizini futhi uma itholakala inecala, kuzovuka isigwebo sayo esilengisiwe ngasekuqaleni kwesizini.
Futhi ingase ithole isigwebo esinzima kakhulu kulokhu njengoba kubukeka ihluleka wukunqanda lezi zigameko ezifaka ibhola ehlazweni.
Ngemuva kwesigameko sakamuva, iChiefs izibophezele ekuthatheni izinyathelo ezinqala zokubhekana nokungaziphathi kahle kwabalandeli.
