
Ixhala kubalandeli kulunga amaphepha owePirates
- Sibongiseni GUMBI
Kunyuke ixhala kuballandeli be-Orlando Pirates njengoba umdlali wasesiswini omusha, uGilberto, usekulungele ukudlala.
Abalandeli sebebheke ngabomvu ukubona lo mdlali enza into azakhele ngayo igama ebholeni lase-Afrika.
Lesi sihlabani sase-Angola sesiyitholile imvume yaso yokusebenza nawo wonke amanye amaphepha adingekayo.
UGilberto ujoyine iBhakabhaka ngoJuni kanti kubhekwe lukhulu kuye ngemuva kokugila izimanga kwiPetro de Luanda.
Ukudlala kwakhe bekuhehe amakilabhu amaningi, kodwa iPirates yawunqoba umbango wokumsayina.
Iqembu likuqinisekisile ngempelasonto ukuthi uGilberto usekulungele ukudlala, liqeda ixhala kubalandeli ababheke lukhulu kulo mdlali.
“I-Orlandopiratesfc.com ingakuqinisekisa ukuthi uGilberto ekugcineni usewatholile amaphepha adingekayo ukuze adlale kweZimnyama,” kusho ikilabhu esitatimendeni.
Lesi sikhishwe ngaphambi kokuthi iPirates inqobe ngo 4-0, ibhudluza iqembu laseMadagascar iDisciples.
Lokhu kwenze yazibekisela indawo emzuliswaneni olandelayo wokuhlungela isigaba samaqoqo kulo mqhudelwano.
IPirates isizobhekana neJwaneng Galaxy yaseBotswana. IGalaxy yiyo eqede umkhankaso wePirates kulo mqhudelwano ngonyaka odlule.
Kodwa ngaphambi kwalokho, iPirates inomsebenzi wasekhaya okufanele ibhekane nawo njengoba izobhekana neCape Town Spurs kowandulela owamanqamu weMTN8.
Umlenze wokuqala useCape Town Stadium ngoLwesibili ebusuku kanti owamanqamu uzoba se-Orlando Stadium ngempelasonto.
OLUNYE UDABA:Â OweYanga akafuni kwakuwalalela ahalela umgadli wakhe
Kungenzeka ke uGilberto abonakale kowodwa wale midlalo njengoba amaphepha akhe eseqondile nje.
