Ezintsha

Usola usihlalo weCity ngokunqwaha no-Appolis

Imenenja yabadlali bebhola uLance Davids usecacise ngokwenzeke ngomdlali obekubhekwe kakhulu ukuthi uzophelelaphi, u-Oswin Appolis.

Lesi sihlabani sePolokwane City sigcine sihlale kuleli qembu yize bekunentshisekeo evela kumakilabhu amakhulu okungenani amane.

U-Appolis ubefunwa ukuthuli amaqembu okukhona kuwo iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns kuleli.

Uphinde waba nezesheli ezivela e-Algeria naseTunisia okuyiMC Alger ne-Esperance ngokulandelana, kodwa usakwiPolokwane City okwamanje.

Ikhuluma kwiMetro FM muva nje, imenenja yakhe, uLance Davids uchaze ukuthi kwenzekeni ngamakilabhu amane aphezulu abemfuna.

Usole usihlalo ongumnikazi wePolokwane City uJohnny Mogaladi ngokusebenzisa amaqhinga amabi ukuqinisekisa ukuthi ugcina lo mdlali. 

Nge-Esperance, uDavids uthe: “Bafike babeka imali ephusile etafuleni, umnikazi wekilabhu (uJohnny Mogaladi) wasamukela lesi sicelo sabo.

“Kodwa ngemuva kwalokho uvele wanyamalala, akangatholakala (isivumelwano asangaphothulwa).”

NgeMC Alger, uthe “KwakuyiMC Alger eyafika ngemuva kwalokho (kwe-Esperance) kodwa ayikwazanga ukuthola umnikazi wePolokwane.” 

ISundowns yona yavela ngamahora okugcina, izama ukushwebisa wonke lawa amanye amaqembu, kodwa nayo yazishayisa odongeni. 

“Emahoreni angu-72 okugcina (ngaphambi kokuvala kwewindi) iSundowns yafika futhi yaxoxa noJohnny. 

“Nakuyo wavuma qede wanyamalala, akangatholakala ndawo (kwaze kwavala iwindi).”

UDavids uthi kuwo wonke amaqembu akhulume nawo ngo-Appolis, iChiefs yiyo ebinentshisekelo enkulu futhi izame konke ukumthola.

“IKaizer Chiefs, uma ngikhuluma iqiniso, ibinentshisekelo enkulu ngaye, kusukela ekuqaleni…

“Kusukela ekuqaleni, bebezama ukuphusha, bephusha, bephusha…,” kusho uDavids.

“Into eyaba yinkinga wukuthi uJohnny ubefuna inkokhelo eyodwa eyisamba esiphelele.

“Ubeyifuna yonke imali yakhe kodwa angicabangi ukuthi iChiefs ibinawo amandla okwenza kanjalo.

“Kodwa ngicabanga ukuthi beyikhona indlela obekungenziwa ngayo… 

“U(Kaizer) Junior wayecindezela futhi ngisho noBobSteak (uBobby Motaung) wayecindezela kakhulu bezama ukuthola lo mdlali.”