Ezintsha

OweYanga akafuni kwakuwalalela ahalela umgadli wakhe

  • Intatheli yeLISENETHINI

Nokho, le kilabhu yaseTanzania isiziphendulile izesheli zalo mdlali, yathi azivele zikhohlwe. 

Umengameli weYoung Africans, uHersi Ally Said, ukubeke kwacaca ukuthi abanazo izinhlelo zokudayisa uMzize. 

Lokhu ukusho kulandela ukuvela kokuthi kunamaqembu azimisele ukuletha izicelo zokudayiselwa lo mdlali oneminyaka engu-20. 

“Akuyena uMzize kuphela,” ucashunwe esho kanje uSaid kwiFARPost kule mpelasonto. 

“Sizitholile izicelo zabanye abadlali, kodwa ngeke sikwazi ukuqhubeka nokuthengisa ithalente lethu. 

“Sifuna ukuncintisana e-Afrika, futhi ukwenza lokho, sidinga ukugcina abadlali bethu abasezingeni eliphezulu.”

Uphinde wagcizelela ukuthi azikho izingxoxo ezibe khona mayelana nokudayiswa kukaMzize. 

Iqembu ngeke lize lizihluphe kwakuzihlupha nje ngokulalela amaqembu azovela azozibika ngalo mdlali. 

“Ukube besifuna ukudayisa umdlali besingaxoxisana nanoma yiliphi iqembu elimfunayo. 

“Asikaze ke sibe nentshisekelo yokudayisa umdlali,” kwengeza lesi sikhulu.

Kuke kwanemibiko ethi iChiefs inxenxwe umqeqeshi wayo omusha uNasreddine Nabi ukuba ilande lo mgadli. 

Nokho kubukeka kuzomele iyomzama engxenye lo mgadli odingwa wumqeqeshi futhi seyiphelelwa yizikhathi kulokho.