
Kuvela lapho ekhona uShabalala onyamalele kwiChiefs
Umdlali weKaizer Chiefs ongaconsi phansi kubalandeli uMduduzi Shabalala ubengekho leli qembu liqala umkhankaso weBetway Premiership ngoMgqibelo.
UShabalala ubephakathi kwamagama amakhulu angabonakalanga ngesikhathi iChiefs inqoba iKruger United ngo 3-1 eMbombela Stadium.
Lo mdlali othandwa kakhulu ngabalandeli akazange afakwe eqenjini, futhi akazange abonakale nasenkundleni, okudale imibuzo eminingi ngesimo sakhe ekilabhini.
Ngokombiko weSoccer Beat, uShabalala uhambe neqembu leChiefs elidlala kwiDStv Diski Challenge (DDC) ukuya eLesotho lapho lizodlala khona umdlalo wobungani neLifofane FC.
“U-Mduduzi Shabalala kuthiwa uyingxenye yeqembu le-Kaizer Chiefs DDC eliseLesotho emdlalweni wobungani neLifofane FC,” kubhala iSoccer Beat ngoMgqibelo ebusuku.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi iLisenethini ibike ekuqaleni kwaleli sonto ukuthi uShabalala ushiye abalandeli bemangele ngesikhathi eyeka ukulandela amakhasi eChiefs ezinkundleni zokuxhumana.
Lokho kusuke amahlebezi ngesimo sakhe eqenjini, kwaze kwaba khona nowayengumdlali weMakhosi, uThuso Phala, oveze ukukhathazeka kwakhe.
- FUNDA NALA | IChiefs iqale kahle uDuba edumaza iKruger
UPhala uthe unethemba lokuthi noma iyiphi inkinga ekhona phakathi kuka-Mduduzi Shabalala ne-Kaizer Chiefs izoxazululwa ngokushesha.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
