Ezintsha

Umgadli ozakhele igama phesheya usejoyine ele-PSL

Lo mdlali oneminyaka engu-35 ubudala ujoyina iMarumoo Gallants mahhala ngemuva kokushiya ikilabhu abedlala kuyo eTurkey iSakaryaspor.

Esikhathini esingatheni asihlale kuleli qembu, uNdlovu ushaye amagoli ayisithupha emidlalweni engu-20.

IGallants kumanje isendaweni ka-14 kwilogi ngamaphuzu angu-22 emidlalweni engu-22.

Iqhele ngephuzu elilodwa nje kuphela endaweni yezembe kwilogi futhi ifuna ukufuqela ukubalekela izembe. 

Ngaphansi komqeqeshi omusha u-Abdelslam Ouaddou, leli qembu selinqobe imidlalo emithathu kwemihlanu edlule.

Le kilabhu ezinze eBloemfontein ayiliboniswa ipali njengoba isayibhakuzise amahlandla angu-18 kuphela inethi kule sizini. 

Ukufika kukaNdlovu kulindeleke ukuthi kusize kule msebenzi obonakala ubasinda abagadli abakhona njengamanje oGabadinho Mhango, uSede Junior Dion, noJunior Zidonga.

UNdlovu angase aqale ukubonakala kuleli qembu ngoMashi 30 ngesikhathi iGallants ibhekene neTS Galaxy emdlalweni weligi.

Njengoba sekusele imidlalo eyisishiyagalombili kuphela, leli qembu lizothembela kuNodlovu’s ukuthi alisize liqhele ezembeni.