
IStellies iklolodele iCape Town City idliwa yizembe
Ibhola laseWestern Cape lisazoshuba kakhulu kunakuqala njengoba ubutha bamaqembi akhona buthathe elinye igxathu kuleli sonto.
IStellenbosch FC ayichithanga sikhathi ihlikihla usawoti enxebeni liselisha kwi-Cape Town City ngemuva kokudliwa yizembe kabuhlungu kwiBetway Premiership.
I-Cape Town City ikhishwe esigabeni esiphezulu ngoLwesithathu ngemuva kokuhlulwa ngo-1–0 ishaywa yi-Orbit College emidlalwnei yePSL yokuhlunga.
Bekuyisikhathi esinzima kakhulu kule kilabhu ebingakaze iqede ngaphandle kweTop 8 kwiBetway Premiership phambilini.
Kodwa ngesikhathi iCity isazikhotha amanxeba, iStellies ivele yaqhamuka nosawoti yenza ngathi izobelapha kanti izokwenza isimo sibe nzima kakhulu.
Ngemva nje kokukhala kwempempe yokuqeda umdlalo eRustenberg, iStellenbosch FC idedele eshisayo impama kwi-X (ebeyaziwa ngeTwitter phambilini).
Ifake isithombe sophawu lomgwaqo olukhomba ukuthi uma uya eStellenbosch uyanyuka, bese uma uya eCape Town wehle.
Lokhu bekuyindlela yokukhombisa ukuthi sekusele yona kuphela esigabeni esiphezulu sebhola eKapa, ebesinamaqembu amathathu kumasizini amabili edlule.
Nombhalo ophelezele lesi sithombe bewukloloda ngendlela exakile: “Okusho ukuthi yithi esesigade umzila manje.”
Bekuyisikhumbuzo esiyiqiniso kodwa esinonya sokuthi manje yibo asebephephezelisa ifulegi leMother City kwiligi enkulu kuleli.
Lo mbhalo nethombe kubhebhethekise okomlilo wequbula, abalandeli bengcofana abanye behleka lempi yezinkunzi zaseKapa.
Ngenkathi i-Cape Town City isazama ukuzikhotha amanxeba ukuze izame ukuvuka izithathe, kwiMotsepe Foundation Championship, iStellies izifake zaphelela.
Ngesikhathi iCity izoyodlala esigabeni esibizwa ngehlathi kuleli, iStellies yona izobe idlala nezinkunzi zasezwenikazi kwiCaf Confederation Cup.
Phela iStellies iqede endaweni yesithathu kwilogi yePremiership, yabuyela kulo mqhudelwano ehlulwe esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu kuwo kulokhu.
