
Feutumba: Abaphathi beDowns abangabazi ngoMngqithi
URoger “General” Feutumba, oyinkakha yeMamelodi Sundowns unxusa abalandeli baleli qembu ukuthi behlise amaphaphu ngomqeshi uManqoba Mngqithi.
Le nkakha edabuka eCameroon, eyayilihlikihla ngenxele kuhlanye abalandeli, ithi akumele basheshe bamehlulele lo mqeqeshi.
UMngqithi uzithole esephenduka isitha kwabanye babalandeli beSundowns kulandela ukuwashiswa ijezi kwiMTN8.
ISundowns ishaywe kabili kulandelana yiStellenbosch FC ngo 1-0 emidlalweni eyandulela owamanqamu.
“Abangajahi ukumjaja uManqoba Mngqithi… ngemidlalo embili nje yeMTN8 sebeyakhala?,” kusho uRoger Feutumba ekhuluma neLisenethini.
“Abadlali beMamelodi Sundowns bawatholile amathuba emidlalweni yombili yeMTN8 kodwa bahluleka ukuwavalela enethini.
“Umqeqeshi uManqoba Mngqithi usabahlanganisa abadlali abadala nabasha ukuthi bezwane baphinde bangene endleleni yebhola afuna ukulidlalisa.
“Abadlali baningi kakhulu kwiSundowns futhi umqeqeshi kumele aqhamuke nendlela eyehlukile azonqoba ngayo izicoco.”
UMngithi unyuselwe kulesi sikhundla kulandela ukushiya kukaRulani Mokwena isigubhukane ngoJuni.
Kuvela ukuthi yize iqembu belingathinteki emidlalweni yeligi, kodwa abaphathi bebenganeme ngendlela elidlala ngayo.
Lokhu kubaxhilile abanye babalandeli abebebona eza kahle uMokwena njengoba eshaywe kodowa umdlalo kwengu-30 yeligi.
“Abaphathi beMamelodi Sundowns bayawazi kahle umsebenzi kaManqoba Mngqithi eqenjini, abamgabazi neze,” kusho uFeutumba.
ISundowns isazodlala kwiCaf Champions League, iCaf African Football League, iBetway Premiership, iNedbank Cup, iCarling Knockout Cup, neFifa Club World Cup kule sizini.
