EzintshaKaizer Chiefs

USiphesihle ufeza iphupho likayise ngokudlala kwiChiefs

Phela uNdovu omdala ungumlandeli wokuqina weKaizer Chiefs, iqembu eliyizitha ezinkulu zePirates la bekudlala khona le ndodana yakhe phambilini.

Manje, njengoba uSiphesihle esejoyine iKaizer Chiefs akubanga wukufezeka kwephupho lakhe – kodwa uthi kufezeke elikayise. 

“Kwakuyiphupho lami ukuthi ngidlale eqenjini ubaba angumlandeli walo,” kusho uNdlovu ekhuluma okokuqala ngemuva kokujoyina Amakhosi. 

“Kusukela ngineminyaka engu-17 noma engu-18 bekuyisifiso sami ukufeza leli phupho lakhe. Njengamanje ujabule kakhulu, okuyinto esho lukhulu kimi.”

UNdlovu uveze ukuthi lake lavela ithuba lokuthi ajoyine iChiefs, kodwa kwagcina kungenzekanga njengoba aze aphelela komakhelwane bayo iPirates.

“Esikhathini esiphambilini ngake ngaphuthwa yithuba lokuthi ngize lapha,” kuqhuba uNdlovu. 

“Ngakho ngazitshela ukuthi ngizoqhubeka ngisebenze kanzima ngoba mhlawumbe liyobuye livele futhi lelo thuba, yingakho kuthe uma livela ngajabula kakhulu ukujoyina Amakhosi.”

Udlale okokuqala kwiChiefs engena esuka ebhentshini ngesikhathi beshaya iStellenbosch FC emdlalweni wokuqala wesizini. 

“Nakanjani, kwakukhona ukuthuka okuncane, kodwa ke mina ngokwendalo ngingumuntu ozothile. 

“Ngesikhathi ngibizwa ukuthi ngizongena, ngazitshela ukuthi, ‘kulungile kunengcindezi. Wenza njani uma kunengcindezi? Uyazotha’. 

“Abantu engisondelene nabo banomthelela omkhulu ekutheni ngihlezi ngizothile futhi ngiyababonga ngalokho.

“Wonke umdlali ufuna ukudlala phambi kwezinkumbi zabalandeli ngakho ngiyakuthanda ukwesekwa le kilabhu enakho futhi sengibheke ukudlala phambi kwabalandeli bethu.”

UNdlovu ushaye igoli lakhe lokuqala kwiChiefs ngesikhathi behlula iPolokwane City ngo 1-0 emdlalweni wesbili – owokuqala ekhaya eFNB Stadium – ngesonto elidlule. 

“Kube wumuzwa omuhle kakhulu. Bonke abadlala isiwombe sokuqala benza umsebenzi omuhle kakhulu owenza ukuthi thina esangena kwesesibili siwuqedele kalula.

“Yingakho leliya goli libalulekile kimi ngoba langena ngesikhathi ebesilidinga ngaso ngampela. Lenze ngaba nomthelela obalulekile eqenjini.” 

UNdlovu uthe uthanda ubunye abufice kwiChiefs futhi ufuna baqhubeke nabo ngoba yibo obuzobalethela impumelelo. 

Uzothemba ukuqhubeka nokuba nomthelela omuhle uma sebebhekene neRichards Bay eFNB Stadium ngoLwesithathu ebusuku.