
Isinqumo ngecala lezigidi likaMosimane neDowns
IMamelodi Sundowns ithole izindaba ezinhle ngoLwesihlanu ngesikhathi iNkantolo eNkulu yaseSouth Gauteng ikhipha isinqumo esivuma yona ecaleni eselithathe isikhathi eside.
Leli qembu belifake iMT Sports, okuyinkampani kankosikazi kaPitso Mosimane, uMoira Tlhagale, iyisola ngokuyiqola izigidi zamarandi.
IJaji uShaanaz Mia weNkantolo eNkulu yaseSouth Gauteng kuleli sonto likhiphe isinqumo sokuthi iMT Sports noMosimane kumele babuyisele kwiSundowns imali engu-R7.9 million.
Ngaphezu kwalokho, le mali kumele ibe seyihambisana nenzalo engu-7% ngonyaka ngamunye kusukela ngoMeyi ka-2021 kuze kube usuku abayikhokha ngayo.
Le nkampnai ejensi kufanele iphinde ikhokhele izindleko zokuqulwa kwaleli cala. Icala lisukela ekushiyeni kukaMosimane isigubhukane kuleli qembu ngo-2020.
Kwakusaphele izinyanga ezine nje kuqale inkontileka yakhe entsha yeminyaka emine, washiya wayojoyina iziqhwaga zase-Egypt i-Al Ahly.
Ngesikhathi esayina inkontileka entsha, wathola imali yokumbonga yena nenkampani emmele iMT Sports kanti iSundowns ithi kumele le mali ibuye ngoba washeshe wasula.
ISundowns ibime ngokuthi isigatshana somthetho esikwinkontilena yakhe sibanika igunya lokubuyiselwa ingxenye yale mali yokumbonga ngokusayina inkontileka entsha eyikhokhelwa iMT Sports.
I-MT Sports yaliphikisa leli cala, iphikisa ngokuthi uMosimane wayesenqindwe amandla, ecwaswa, nokuthi lesi sigaba somthetho siphambene nomthethosisekelo.
U-Advocate Tembeka Ngcukaitobi SC okunguye obemele iMT Sports, ubegcizelela ukuthi ezinye izimenenja ezimhlophe azizange zibekelwe imibandela efanayo.
Kodwa iJaji uMia likuchithile lokho, laphawula ukuthi uMosimane wasisayina ebhekile lesi sivumelwano, esikhuphule iholo lakhe nemihlomulo, futhi wayemukela imibandela yaso.
Uphinde wanquma ukuthi isigatshana salo mbandela okwinkontileka sisetshenziswe ngendlela efanele, kungakhathalekile ubuhlanga noma ubulili.
FUNDA NALA | Imenenja icacisa eyekusasa likaMudau kwiDowns
ISundowns ibikade ikhokhele iMT Sports u-R8.6 million, olingana no-10% wenkontileka kaMosimane.
I-MT Sports, ngokubika kweSABC Sport, ihlela ukulidlulisela phambili lolu daba.
“Sikholwa ukuthi isinqumo asilungile, futhi siyaqiniseka ukuthi sizophumelela ekudlulisweni kwecala,” kusho ummeli u-Eric Mabuza.
ISundowns yona beyingakaphawuli ngalesi sinqumo saleli cala.
