
Isimincisile iBafana ishikiliswa yiZimbabwe kowe-Afcon
IBafana isheshe yazibeka ebuhleni ngegoli likaTshepang Moremi alishaye ngomzuzu wesikhombisa futhi kwaba sengathi izozidlulela nje kalula.
Nokho izinto zijikile ngomzuzu ka-19 ngesikhathi uTawanda Maswanhise ebuyisela iZimbabwe emdlalweni.
Kube sekuba yiZimbambe elawula umdlalo, iphoqa iBafana ukuthi idlale amabhola amade nokuyinto engayijwayele nebeyenza icindezeleke.
Kodwa ke ikwazile ukubambelela kuze kuyiwe ekhefini zisabambene ngo 1-1, okunike ithuba lokuthi abaqeqeshi bahlele kabusha izinto.
Ekuqaleni kwesiwombe sesibili uFoster ubuyisele iBafana endaweni enhle eshaya igoli lesibili, elishiye abeZimbabwe bexabana bodwa.
IZimbabwe iphinde yadaza inkani, yathi yona ngeke ihlulwe kalula – yashaya elinye igoli elibe umkhonto ogwaza ekhaya ka-Aubrey Modiba.
Kuthe sekusele imizuzu engaphansi kweshumi umdlalo uphele, iBafana yabekelwa iphenathi kulandela ukuthi umdlali weZimbabwe elidlale ngesandla.
Kube sekuphakama u-Oswin Appollis wayibeka enethini, emphambanisa nalo uWashington Arubi odume ngokuwavimba amaphenathi.
FUNDA NALA | U-AK 47 uveza okwenza uMakgopa abe ngcono kunoFoster
Lo mphumela uqinisekise ukuthi iBafana idlulela esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano ebibhekwe ukuthi yenze kahle kakhulu kuwo.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
