
UMaluleka nezaluleko ezibalulekile kwabeKruger United
- Sibongiseni GUMBI
Umdlali wasesiswini ongumakadebona uGeorge Maluleka usevule isifuba ngokufudukela eqenjini leMotsepe Foundation Championship, iKruger United.
Uchaze nangezinhloso zakhe kuleli qembu. UMaluleka usayine inkontileka yonyaka enombandela wokwengeza omunye unyaka uma izinhlangothi zombili zivumelana.
I-Kruger United isemkhankasweni wayo wokuqala kwiMotsepe Foundation Championship ngemuva kokukhushulelwa kulesi sigaba isuka kwi-ABC Motsepe League.
Lo mdlali oneminyaka engu-35 ubudala uza njengomdlali wabo ophambili kanti uzimisele ukusiza leli qembu lizinze kulesi sigaba.
Ufika namava aakhulu njengoba edlale imidlalo ecela ku-300 kwiBetway Premiership.
UMaluleka udlale kwiSuperSport United, i-Ajax Cape Town, iKaizer Chiefs, iMamelodi Sundowns naMaZulu FC.
Okubaluleke kakhulu, uwine izicoco zeligi ezinhlanu namakilabhu amathathu ahlukene.
Futhi njengoba eqala uhambo olusha neKruger United, uMaluleka usekuvezile athemba ukukufeza eqenjini.
“Ngijabule kakhulu,” kusho yena. “Abafana bangamukele kahle kakhulu futhi ngizwa sengathi ngisekhaya.
“Ngizizwa sengathi sengihlale amasonto amaningi lapha.
“Ngicabanga ukuthi okokuqala kubalulekile kimina ukuba ngumuntu ngaphezu kwamava nolwazi engiza nalo kulaba bafana.
“Ukubagqugquzela kubalulekile kodwa ngaphezu kwalokho, igalelo lakho libalulekile bese ubasiza ke ngokubathipha ngalo mdlalo.”
UMaluleka uyazi ukuthi igama lakhe lisho lukhulu kozakwabo abasha, kodwa ufuna ukubagqugquzela ngokuba yisibonelo.
Akafuni ukugcina ngokukhuluma, kodwa ufuna nokwenza ukuze babone kahle ikakhulukazi abadlali abasebancane eqenjini.
“Ukubafaka umoya ngizokwenza, ngibagqugquzele lapha nalaphaya kodwa ubumbano ilona engilubheke kakhulu.
“Ngilapha ukubabonisa ukuthi kungenzeka, nami ngaqala kuleli zinga ngisengumfanyana omncane.”
UMaluleka uzobe ebhekwe ukwenza lokhu akushoyo emdlalweni olandelayo waleli qembu.
IKruger izogadulisana neJDR Stars eMbombela Stadium ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
