Ezintsha

Isilungiswa umnyango wezemidlalo eyombango weHarry Gwala

L ombango uphakathi kweRoyal AM neMaritzburg United okungamaqembu azinze kuleli dolobha kodwa angezwani nhlobo. 

Kusanda kuvela imibiko yokuthi iMarizburg isicabanga ukushiya kuleli dolobha futhi ijike negama layo ingazihlanganisi nalo.

Kuthiwa icikwa yindlela eyaphucwa ngayo le nkundla ebiyisebenzisela imidlalo yasekhaya ngesikhathi idliwa yizembe. 

Ngesikhathi womabili lamaqembu ekwiDStv Premiership, iRoyal AM beyiyidlalela eChatsworth Stadium, eThekwnini imidlalo yayo yasekhaya. 

IMaritzburg yona beyiyidlalela eHarry Gwala Stadium, kodwa ngenxa yokudliwa yizembe igcine ngokuthi ikhishwe eHarry Gwala Stadium. 

Ngesikhathi seMaritzburg, iHarry Gwala beyigcwala ikakhulukazi emidlalweni yangoLwesihlanu ebisibizwa ngeFriday Night Lights. 

Manje umphathiswa omusha wezemidlalo eKZN, uMtomuhle Khawula uthi useyiqalile imihlangano nabaphathi nalamaqembu.

“Imihlangano seyiqalile kumaqembu womabili athintekayo nemeya yaseMsunduzi, uMzimkhulu Thebolla,” kusho uKhawula.

IMaritzburg United iyidlalele eSuger Ray Xulu Stadium nase Chatsworth Stadium imidlalo yayo yangesizini edlule.

Ngokusho kukaFarouk Kadodia, ongumnikazi weMaritzburg United, kubadla imali eningi kakhulu ukudlala ngaphandle kwaseMgungundlovu.

Uthi kuyesinda nakubalandeli babo ukulandela iqembu eThekwini ngoba kukude.