EzintshaOrlando Pirates

Iqale ngegiya eliphansi iPirates kweyokungcweka

Bekuyingqophamlando ogwini oluseningizimu yeSpain njengoba la maqembu amabili ebebhekene okokuqala ngqa kulo mdlalo obalulekile wokuzilolonga.

Lezi zinkunzi zaseSoweto ziqale zathwala kanzima ukuthola umgqigqo wazo, nePlymouth nayo beyingenawo umdlandla otheni uma ihlasela. 

Nokho amathuba okuqala awele kumaBhakabhaka. Ngomzuzu ka-12 uMakhehleni Makhaula uzithole ebhekene nonozinti uMichael Cooper kodwa wageja. 

UMonnapule Saleng naye ulahle ithuba elihle, washaya into ephume eceleni kade behlasela ngokuzumisa okusheshayo. 

Bese kudlale cishe isigamu sehora ngesikhathi iPilgrims ithola ithuba layo lokuqala epalini leBucs. 

Unozinti weBucs, uSipho Chaine, wenze kahle kakhulu ngomzuzu ka-37 evimba ibhola likaMuhamed Tijani alishaye eseduze kwepali.

Igoli lokuvula liqhamuke ngakolunye uhlangothi ngesikhathi iPlymouth ihluleka ukukhipha ibhola emalini, yavumela u-Evidence Makgopa ukuthi alinamathisele enetini kalula. 

Iqembu lase-England liphendule ngokushesha, umgadli osemncane, uFreddie Issaka washala elokulinganisa ngomzuzu ka-40. 

AmaBhakabhaka abuyise igoli lawo ngemuva kwemizuzu emithathu, u-Olisa Ndah ezithola eyedwa nebhola ebhokisini, waliqabulisa inethi. 

Womabili amaqembu enze izinguquko ezinkulu ngesikhathi sekhefu. IPlymouth ibuye seyivala kangcono emuva. 

Ibekelwe iphenathi sisanda kuqala isiwombe sesibili, kodwa unozinti ongene ngesikhathi sekhefu, uMalusi Buthelezi wamgeza umgadli uRyan Hardie evimba ibhola lakhe. 

IPirates ibingakwazi ukwengeza amagoli ayo ngokwamathuba ewatholile, kodwa yehluleka. 

IPlymouth igcine ilitholile elokulinganisa lishaywa u-Ibrahim Cissoko, umdlalo waphela zibambene ngo 2-2. 

  • Onozinti: Chaine (Buthelezi 46′),
  • Emuva: Ndah (Sibisi 46′), Sesane, Lebitso (Monyane 46′), Maela (Hotto 46′),
  • Esiswini: Makhaula (Mbatha 46′), Rasebotja (Baloni 46′, Ndlondlo 80′) , Saleng (Kapinga 46′), Mofokeng (Nkota 62′), Maswanganyi (Kimvuidi 46′),
  • Pambili: Makgopa (Mabasa 46′).