EzintshaOrlando Pirates

Isikhulu siphawula ngokaputeni omusha kwi-Orlando Pirates

U-Innocent Maela, obesebenze njengokaputeni wekilabhu kule minyaka edlule useyekile ukudlala, wathatha umsebenzi ohlukile ekilabhini.

Isikhundla sakhe esisha nokho asikaqinisekiswa yile kilabhu yaseSoweto, kodwa ubeyingxenye yethimba labadlali bakudala bePirates abemukele abadlali abasha ngenyanga edlule. 

Manje ikilabhu sekumele ikhethe ukapteni omusha. Ukaputeni kwi-Orlando Pirates usebenza ngendlela ehlukile kunakwamanye amakilabhu.

Kukhona ukapteni wekilabhu, bese kuba khona okaputeni abehlukene beqembu. 

Ukaputeni wekilabhu akubi ngumdlali ohlezi esenkundleni ngaso sonke isikhathi kodwa kuba ngumdlali okwazi ukwenza neminye imisebenzi yekilabhu.

Phakathi kwaleyo misebenzi kubalwa ukuxoxisana nabezindaba nezinye izinhlelo zekilabhu ezidinga ukuzibandakanya kwabadlali. 

Ngesikhathi evakashele i-5FM ngoLwesine ekuseni ezokwethula ijezi elisha, uMerafe ubuziwe ukuthi ngubani ozoba ngukapteni omusha. 

Ubehambisana nabadlali abane – uTshegofatso Mabasa, uNkosinathi Sibisi, uMakhehlene Makhaula no-Olisa Ndah. 

“Ake sikugcine lokho okwamanje… Umdlalo wethu wokuqala wesizini ungo-Agasti 2 lapho siqala ukuvikela indebe yethu yeMTN8 e-Orlando Stadium.

“Ngakho-ke, yilapho ukudalulwa kukakaputeni kuzoba khona. Kufanele ubheke ukuthi ibhande likubani ngalolo suku,” kusho uMerafe.

“Kodwa ngingakugabisela nje. Kungenzeka ukhona lapha phakathi kwalezi zinsizwa. Angu-50% amathuba okuthi abe kulaba badlali abalapha,” kwengeze yena ekhomba abadlali. 

Ngesizini edlule, uMakhuala, uSibisi, uNdah noXoki bebengokaputeni beqembu kanti uDeon Hotto naye ubee aligqoke ibhande uma laba – okuhlanganisa noMaela – bengekho. 

Umdlali wasemuva osemncane, uMbekezeli Mbokazi naye unikeziwe ibhande emidlalweni yobungani yeqembu eSpain.

Futhi umqeqeshi omusha u-Abdeslam Ouaddou uthe uhlela ukumenza omunye wabaholi eqenjini lakhe.

Lokhu kuphakamise ukuthi uMbokazi angase abe ngomunye wokaputeni beqembu ngesizini ezayo, bese kuthi oyedwa phakathi kukaMakhaula, uSibisi, noXoki baqokwe njengokaputeni wekilabhu. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO