Ezintsha

ElePSL nethuba lokubuyela enkundleni kuKhune noChabangu

Leli qembu linyuselwe kwiMotsepe Foundation Championship lisuka kwi-ABC Motsepe League ngemuva kokunqoba imidlalo yokuhlunga yeSafa.

Selisuse isasasa ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokudalula ukuthi likulungele ukunikeza izingwazi zebhola laseMzansi ezimbili elinye ithuba enkundleni.

Linikeze izihlabani ebese zicishe zalibaleka uLerato Chabangu noLucky Khune ithuba lokuthi zilijoyine emkhankasweni walo wokuqala kwiChampionship.

Ngokubika kweKickOff, uChabangu, oneminyaka engu-39 ubudala, angase aphume empeshenini ukuze asize leli qembu lase-Alexandra.

IGomora kuthiwa iyiqembu elifuna ukuvelela futhi elizophushela ukukhushulelwa kwiBetway Premiership.

UChabangu, owayengumdlali wasesiswini kwiSuperSport United neMamelodi Sundowns ugcine ukudlala ebholeni elincintisanayo ngo-2019 ekwiBaberwa FC kwi-ABC Motsepe League.

Nokho amava akhe awangabazeki njengoba adla isicoco seligi yePremiership neSuperSport ngesizini ka-2008/09 futhi wadlala amahlandla angaphezu kuka-30 kwiBafana Bafana.

Usanda kungena esikhungweni esisiza abacwile ezimbizeni zikaFaro futhi kuthiwa akasabuthinti kanti uzama ukulungisa impilo yakhe.

Usihlalo weGomora uJoe Seanego, owaziwa ngokwazisa abadlali abanamava, ukholwa ukuthi ubuholi bukaChabangu bungabasiza.

Leli qembu lakhe livele linoRooi Mahamutsa oneminyaka engu-43 ubudala esikwatini salo.

“Iminyango ivulekile kuChabangu noKhune. Uma kusekhona isifiso ngakubo, kungani singebanike ithuba?” kusho uSeanego.

UKhune, manje oneminyaka engu-35 ubudala, ubenyamalele emehlweni abantu kule minyaka embalwa edlule kodwa usaxhumana noSeanego.

Lesi sikhulu sikuqinisekisile ukuthi uKhune njengamanje“undawana thize esifundazweni iNorth West”. 

Nakuba kungekho okusemthethweni osekukhona ngalaba badlali, izingxoxo zingaqalwa noma kunini uma bona bekhombisa intshisekelo yokubuyela ensimini.

USeanego uphinde waveza ukuthi uzosigcina isikwati abebedlala ngaso kwi-ABC Motsepe League.

Uqinisekise nokuthi umqeqeshi ongumakadebona uJohnny Ferreira uzoqhubeka nokuhola iqembu.

“uMdala ungomunye wabaqeqeshi abanolwazi olunzulu ebholeni le-NFD. Uzohlala okungenani enye isizini,” kusho uSeanego. 

“Siphinde sibe namaphini amsizayo afana noPatrick Phungwayo abazoqhubeka bamsekele.”

IGomora United ayifuni nje ukuzokwandisa isibalo kwiNFD — kodwa inezinhloso ezinkulu zokudlulela phambili.