DStv PremiershipEzintsha

Isibheke ‘usuku lwenkululeko’ iRoyal AM

  • Alfred NGUBANE

Lokhu kuvezwe yimemenja yaleli qembu, uRichard Makhoba otshele iLisenethini ukuthi sebelinde uSepthemba 13 la kuzocaca konke ngekusasa leqembu. 

IRoyal AM ibhekene nezigwebo ezimbili zeFifa eziyivimbela ukubhalisa abadlali kanti kubhekwe ukuthi kuphume isinqumo sokugcina ngazo. 

Uma kwenzeka zibekwa eceleni izigwebo zayo, iRoyal AM izokwazi ukusayina abadlali abasha ukuze iqinise iqembu.

Ngesizini edlule isinde kunzima ezembeni njengoba beyisebenzisa abafana abasebancane abangenamava. 

Manje njengoba abanye babadlali abanamava sebephinde bashiya, kuzoba nzima kakhulu kuleli qembu eliqeqeshwa uJohn Maduka.

“Ngawo uSepthemba 13 September uShaun Mamkhize ongumengameli weRoyal AM uzocacisa konke ngeqembu nangezinhlelo zesizini entsha,” kusho uMakhoba.

Uphinde waqinisekisa ukuthi bahambela kude kabi nemakethe yabadlali njengoba kusenalezi zigwebo zeFifa.

Uma ngabe igcina ngokuthi izigwebo zeRoyal AM ziyaqhubeka, ayivunyelwa ukusayina abadlali, izopatanisa ngabo laba abakhona. 

UMakhoba uthe ngeke ande kakhulu ngoba okuningi sekuyocaciswa uMaMkhize ngaleli langa alibalulile.