
Isaphefumula iPirates kwiChampions League, kuboongwa iVAR
I-Orlando Pirates isenethuba lokulwela ukungena kowamanqamu kwiCaf Champions League ngenxa yeVAR.
Lezi zinkunzi zaseSoweto zibambene ngo 0-0 neqembu lase-Egypt, iPyramids FC emlenzeni wokuqala obuseFNB Stadium ngoMgqibelo ebusuku.
I-Orlando Pirates isindiswe kabili yi-VAR ngemuva kokuthi izivakashi zayo zishaye igoli kuzo zombili iziwombe.
Esigamekweni sokuqala uFiston Mayele ushaye igoli ngemuva kokungena phakathi kukaMbekezeli Mbokazi noSipho Chaine.
Kodwa ngaphambi kokuthi athole ibhola okokuqala, ubesendaweni engamfanele.
Futhi yize unompempe elikhombe emlotheni, iVAR imbizile ukuthi ake azobhekisisa kahle ukuthi awukho yini umkhuba obukhona.
Nebala uthole ukuthi uMayele ubesendaweni engamfanele ebholeni lokuqala, walinqaba kanjalo ke igoli.
IPyramids iphinde yashaya igoli ngesiwombe sesibili, kodwa ibhola belishayise umdlali wayo engalweni kokuthi lingene enethini – iVAR yalichitha.
Lo mphumela ushiye i-Orlando Pirates isethubeni lokuqhubeka nokulwela ukungena kowamanqamu ngoba ayizange ingenelwe goli ekhaya.
Kodwa manje kuzomele idlale kahle kakhulu e-Egypt ngoLwesihlanu uma kuwukuthi izofinyelela kowamanqamu.
Okuhle nokho wukuthi mhlawumbe ingcindezi isincane kuyo ngoba seyidinga ukunqoba noma ukudlala ngokulingana kube namagoli ukuze idlulele kowamanqamu.
Kuzoba yiPyramids okumele iqinisekise ukuthi ayingenelwa goli futhi inqobe kahle ukuze idlulele phambili.
