
Inkakha icebisa uPeter Shalulile ngesimo sakhe kwiDowns
UPeter Shalulile udonsa kanzima ukuthola ijezi kwiMamelodi Sundowns kule sizini futhi sekuvela ukuthi kungenzeka ashiye kuleli qembu ngoJuni.
Lo mshayimagoli ovelele wePSL – unamagoli angu-134 – usashaye amagoli ayisithupha kuphela.
Futhi manje ubhekene nengozi yokuqeda isizini okokuqala engashayanga amagoli angaphezu kweshumi kusukela afika eChloorkop.
UPeter Shalulile akuseyena isethenjwa samagoli kwiSundowns okufakazelwa wukuthi usadlale kancane kanjani kule sizini.
OBrayan Leon no-Iqraam Rayners yibo abaqala imidlalo ngaphambi kwakh kule ngaphansi kukaMiguel Cardoso.
Lokhu sekudale izinkulumo zokuthi lo mdlali oneminyaka engu-32 ubudala angase ahambe ekupheleni kwesizini.
Manje inkakha yeKaizer Chiefs neNamibia uRobert Nauseb useveze ukuthi uShalulile kumele avele ashiye.
“Ngicabanga ukuthi sekuyisikhathi sokuthi uShalulile ahambe ngoba akasadlali,” kusho uRobert Nauseb kwiKickOff.
Emidlalweni engu-15 edlalwe yiqembu kulo nyaka, lo mdlali waseNamibia usadlale eyisithupha, washaya igoli elilodwa.
Amanye amahlanu awashaye kule sizini uwashaye ngaphambi kwekhefu likaKhisimusi.
“Ubengadlali, ngakho kuyezwakala njengoba kuvela ukuthi ucabanga ukuhamba.
“Kodwa-ke, ekupheleni kosuku, kulele kuye ukuthi wenza njani,” kuqhuba uNauseb.
“Uzuze konke okumele akuzuze eNingizimu Afrika, ngakho-ke usedinga inselelo entsha…
“Yize kusobala ukuthi sekuyisikhathi sokuhamba konke kuncike enkontilekeni anayo neSundowns.
“Kusobala ukuthi uyazi ukuthi ngeke kusaphinde kube ngcono kunakuqala kuyena kwiSundowns.
FUNDA NALA | Ezintsha ngabalimele kwiBucs
“Lo mdlalo waseColombia (uLeon) ulethelwe ukuzothatha indawo yakhe, ngakho kungamsiza ukushiya,” kusho uNauseb.
