EzintshaKaizer Chiefs

UKaze uveza okumchaze ngeKaizer Chiefs ishaya iMagesi

Ujatshuliswe kakhulu wumqondo wokunqoba okhonjiswe abadlali bakhe umqeqeshi weKaizer Chiefs uCedric Kaze.

IKaizer Chiefs inqobe umdlalo wesibili kulandelana kwiBetway Premiership ishaya iMagesi FC ngo 2-0 ngoMgqibelo ebusuku.

“Lawa amaphuzu amathathu amahle ngoba kuhlezi kunzima ukudlala neqembu elilwela ukuhlala kulesi sigaba.

“Kuningi okuhle, futhi ngokholwa wukuthi wumdlalo ebesingawula kangcono futhi sishaye amagoli amaningi.

“Kodwa ngiyawamukela amaphuzu amathathu namagoli amabili,” kusho uKaze ngemuva komdlalo.

Uncome abadlali bakhe ngokuthi bangene enkundleni kwabonakala ukuthi banomqondo wokunqoba. 

Amagoli eKaizer Chiefs kulo mdlalo ashaywe ngoWandile Duba noMfundo Vilakazi esiwombeni sokuqala nesesibili ngokwehlukana. 

UKaze ubalule ukubaluleka kokuthi uDuba athole igoli akholwa wukuthi lizomfaka amandla ukuya phambili.

“Kubalulekile ukuthi umdlali ofana noWandile Duba ongalitholanga ithuba elanele lokudlala kule sizini.

“Lokhu kuzomfaka umfutho ukuya phambili ngoba sidinga wonke umdlali afake amandla manje.”

Amakhosi manje asezoba nekhefu elide ngaphambi komdlalo wawo olandelayo njengoba kuzodlalwa imidlalo yeNedbank Cup ngempelasonto ezayo.

Ngemuva kwalokho kuzobe sekuyiwa ekhefini lemidlalo yeFifa.

Amakhosi aseyoze adlale ngo-Ephreli 7 esebhekene ne-Orbit College ekuhambeni.