Bafana BafanaEzintsha

UHugo Broos ukhala ngaba‘bhedela’ uSibisi

Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uvikele ukaputeni we-Orlando Pirates uNkosinathi Sibisi obhekene nokugxekwa muva nje.

Lo mdlali wasemuva oneminyaka engu-30 ubudala uzithole egxekwa kakhulu ezinkundleni okuxhumana kulandela ukudlala kwakhe kwakamuva. 

Ugxekwe kakhulu ngemuva kokugeja iphenathi bebhekene neCasric Stars kwiNedbank Cup.

UHugo Broos uchaze lokhu kugxekwa ngokuthi ‘kuyinhlekisa’ futhi kuwuphawu lokuthi abagxeki abaningi ‘abazi lutho ngebhola’.

“Ukuba ngaphansi kwengcindezi ngoba ugeje iphenathi yinto engenangqondo kakhulu ongayicabanga,” kusho uBroos. 

“Uthathe umsebenzi wakhe njengokaputeni wePirates ukuthatha iphenathi yokuqala. 

“Kulungile-ke, uyigejile. Akayena umdlali wokuqala ukushweba iphenathi.”

UHugo Broos uqhathanise nokwenzeka kwi-Afcon ka-2023, la iCape Verde yageja amaphenathi amahlanu ibhekene neBafana.

Lo mqeqeshi waseBelgium uveze ukuthi kuyamcika kakhulu lokhu kuphawula kwesimanje kwasezinkundleni zokuxhumana.

UBroos uthe ukukhuluma kwasezinkundleni zokuxhumana ‘wudoti nje’. 

Uthe kuvele kubhekwe iphutha elilodwa elenziwe umdlali, bese kunganakwa konke okuhle akwenzile.

Ukubeke kwacaca ukuthi umsindo wezinkundla zokuxhumana awunawo umthelela uma eqoka iqembu lakhe. 

“Akekho ozongivimba ukuthi ngiqoke uNkosinathi Sibisi,” kusho yena ngokuqinile.

Ukufakwa kukaSibisi eqenjini labadlali abangu-23 elizodlala emidlalweni yobungani ezayo nePanama akusona isihe.

Njengoba uGrant Kekana noMothobi Mvala besalimele, ubuholi bukaSibisi bubalulekile kwiBafana.

UBroos uyawazisa umqondo oqinile kaSibisi njengoba iBafana ilungiselela inselelo yokubhekana neMexico emdlalweni wokuvula iNdebe yoMhlaba ngoJuni.

Yize ‘abaqeqeshi basezinkundleni zokuxhumana’ beqhubeka nokugxeka, uHugo Broos ukubeke kwacaca ukuthi uSibisi useyinsika yeqembu lakhe.

Imidlalo ezayo eseThekwini naseKapa izonika lo kaputeni wePirates ithuba lokuthulisa abamngabazayo.