
ISafa isiqinisekise iphini likaMosimane kwiBafana
Inhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSafa, isiqinisekise ukuthi usetholakele umqeqeshi ozosebenzisana no-Pitso Mosimane kwi-Bafana Bafana.
UMorena Ramoreboli ubuyela kwiBafana njengoba kunguye oseqokelwe ukuba yiphini likaMosimane.
Ubuyeka kwiBafana ngemuva kwesikhathi esiyimpumelelo abe naso ebholeni laseBotswana.
ISafa neBotswana Football Association (BFA) yibo abaqinisekise lolu shintsho, bathi lukhombisa “ubudlelwano obuqinile bebhola phakathi kwala mazwe angomakhelwane.”
URamoreboli ushiya iBotswana enefa elikhulu. Ngesikhathi ephethe iJwaneng Galaxy, unqobe izicoco ezimbili zeBotswana Premier League.
Waphinde wayihola wayifaka esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League kabili.
Impumelelo yakhe enkulu nokho ibe ngesikhathi semidlalo yokuhlungela i-Afcon ka-2024 ngesikhathi esebenza njengomqeqeshi wesikhashana.
I-BFA ithe uRamoreboli ube “negalelo elibalulekile neliyohlala likhumbuleka njalo ebholeni laseBotswana.”
“Besingathanda ukumgcina, kodwa siyakuqonda ukubaluleka kwaleli thuba futhi siyasihlonipha isinqumo sakhe,” kusho umengameli weBFA, u-Oabile Tariq Babitseng.
URamoreboli uke wahola iBafana ngesikhathi inqoba iCOSAFA Cup ka-2021, ngaphandle kokungenelwa yigoli.
UMengameli weSafa, uDanny Jordaan, uthe: “Siyajabula ukwamukela uMorena Ramoreboli kwiBafana Bafana.”
- FUNDA NALA | IPirates imataniswa noweGallants
Uthe uRamoreboli uyalazi ibhola laseNingizimu Afrika, futhi uyaliqonda ibhola lase-Afrika.
ISafa ikholwa ukuthi ulwazi lwakhe luzoqinisa ithimba lika-Pitso Mosimane njengoba i-Bafana Bafana ilungiselela umkhankaso wokuhlungela i-Afcon ka-2027.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
