Bafana BafanaEzintsha

UHugo Broos uveza okumhehele kuMoloisane noMaphangule 

Laba badlali bangene okokuqala kwiBafana njengoba isekhempini yokulungiselela imidlalo emqoka yokuhlungela iNdebe yoMhlaba yeFifa ka-2026.

Laba bobabili badlala kahle emaqenjini abo. UMoloisane, odlala emuva, ukwiStellenbosch kanti uMaphangule yena ukwiPolokwane City. 

UMaphangule ufike esezovala isikhala kwiBafana njengoba ebeqale wasala ngaphandle, isikhala sakhe savuleka uma kulimala uPatrick Maswanganyi we-Orlando Pirates.

UHugo Broos usedalule ukuthi usenesikhathi ebabheka laba badlali futhi ukholwa ukuthi kubafanele ukuthola ithuba eqenjini lesizwe. 

Nokho, ngeke axine ukubadlalisa, okwamanje usafuna bake babe yingxenye yeqembu, ukuze ababonele eduze.

“Uma ngibuka uMoloisane kwiStellenbosch noMaphangule kwiPolokwane, ngibona abadlali abanekhono futhi abafanelwe ukuqokwa,” kusho uBroos.

Ugcizelele ukuthi ukudlalisa abadlali abasha abaningi kule midlalo ezayo kungaba yingozi futhi akazimisele ukukwenza. 

“Awukwazi ukufaka abadlali abancane abayisithupha njengamanje. Uma bengasawenzi umsebenzi futhi sihlulwa, kungaba enkulu inkinga,” kuchaza lo mqeqeshi odabuka eBelgium.

Esikhundleni salokho, uHugo Broos uhlela ukubabheka ejimini ngaphambi kokwenza isinqumo ngabo. 

“Ukuba khona kwabo kukodwa kuhle kubo. Ngifuna ukubona ukuthi baziphatha kanjani eqenjini,” kwengeza yena.

Lo mqeqeshi ukuqinisekisile ukuthi bobabili laba badlali bazothola isikhathi sokudlala ngoJuni uma sekunemidlalo yokuzwana amandla. 

“NgoJuni, bazothola ithuba lokudlala emidlalweni yobungani. Lokho kuzoba yisivivinyo sangempela sokubabona ukuthi sebelilungele yini leli zinga.”

IBafana isendaweni yesibili kuGroup C, la ibambene khona ngamaphuzu ayisikhombisa neRwanda ngemuva kwemidlalo emine. 

IRwanda iphezulu ngenxa yamagoli amaningi. Ukunqoba kweBafana kwiLesotho neBenin kungayenza iqhwakele eqoqweni ekupheleni kwaleli windi leFifa. 

Izohlangana neLesotho ekhaya, ePeter Mokaba Stadium ePolokwane ngoLwesihlanu, bese kuthi ilibangisa e-Ivory Coast ukuyobhekana neBenin ngoLwesibili.