EzintshaMamelodi SundownsOrlando Pirates

ISundowns igqwaba abalandeli eSoweto ngaphambi kowePirates

Leli qembu laseTshwane lizoba nomcimbi wokuzijabulisa nabalandeli eMaponya Mall, engamakhilomitha ambalwa ukusuka lapho umdlalo uzobanjelwa khona.

Lezi ziqhwaga ezimbili zebhola lakuleli zizohlangana emdlalweni wamagqubu weBetway Premiership eFNB Stadium ngeSonto, likaMashi 16. 

“Siyeza eMaponya Mall!,” ibhale kanje i-Mamelodi Sundowns kwi-akhawunti yayo esemthethweni kwi-X.

“Sijoyine kulo Lwesihlanu oluzayo la sizobe sinxenxa khaona abalandeli futhi sibe nosuku olugcwele injabulo! 

“Ungaphuthelwa ubumnandi! Sesizokubona khona lapho.” 

Iphosta ehambisana nalo mbhalo iveza ukuthi kuzoba nabadlali abathile abazobe bekhona ukuhlangana nokushutha nabalandeli kulo mcimbi. 

Kuzophinde kube nemiklomelo ezowinwa, okuhlanganisa nezimpahla zeSundowns nokusizwa kwabalandeli ukujiyina ubulungu balo ngokusemthethweni. 

Yenza lo mkhankaso nje iSundowns ihlezi ihlekwa ngokuthi yize iqembu lenza kahle enkundleni, kodwa abalandeli balo abaphumi ukuyolibuka. 

Kuhlale kunokuqhathanisa ukuthi lisuke libukwa abangaki bukhoma enkundleni uma libhekene nezinkunzi zaseSoweto. 

Kodwa ngaphambi kokuthi la maqembu amabili asemjahweni oshisayo wokulwela isicoco sePremiership ahlangane, anemidlalo ebalulekile phakathi nesonto.

Bobabili iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates bazobe bedlala ngoLwesibili ebusuku futhi babhekene nezimbangi eziyingozi enkulu. 

AMasandawana kaMiguel Cardoso azosingatha AmaZulu FC – asethole ifomu muva nje – eLucas Moripe Stadium, ePitori. 

AmaZulu enza kahle kulezi zinsuku kusukela kwafika u-Athur Zwane kuwo, kanti ukunqoba kwiSundowns kungawanika ukuzethemba okukhulu.

EzikaJose Riveiro zona zizobe zivakashele iStellenbosch FC ekugijimisa kanzima nesebenza ngokuzikhandla ekuhambeni e-Athlone Stadium, eKapa. 

Akungabazeki nokho ukuthi izinhlangothi zombili zizoba nengxenye yokunaka kwazo ku-humdinger yangeSonto.  

IStellies izobe ibheke ukubhodla njengoba ikhale ngokubanjwa ngophondo ngempelasonto ibhekene neKaizer Chiefs emdlalweni weNedbank Cup.